27 August 2021 Volume :9 Issue :37
Abesifazane Ababengabafundi Baxoxe Ngempumelelo Yabo
Izikhulumi emcimbini i-Power Connect. Kusukela kwesobunxele: uNks Thembalethu Shange (umphathi wohlelo), uNks Tshegofatso Molefe, uNks Yanelisa Jokweni Gwala noNks Ntandokazi Buthelezi.Click here for English version
Umcimbi weKolishi leZifundo Zomthetho neZokuphatha i-Women’s Month Power Connect wenze abantu besifazane abavelele abangabafundi bakudala baxoxa ngohambo lwabo lwempumelelo. Lomcimbi obusezinkundleni zokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje uyingxenye yomkhankaso oqhubekayo weKolishi leZokuxhumana noMphakathi ohlose ukuthi abafundi bakudala baqhubeke nokubamba iqhaza phakathi kwabafundi abasha nabakudala ngokuthi iziqu zabo zingabaholelaphi.
Lewebhina ibihlelwe ngoneziqu zomthetho nesikhulumi esivelele uNks Thembalethu Shange kanti bekhona lezizikhulumi ezingezansi:
• UNks Tshegofatso Molefe oneziqu zomthetho ne-Top 30 Miss SA 2021 ophethe i-Rising Girls Foundation enikela ngamaqakelo neqeqesha amantombazane.
• UNks Yanelisa Jokweni Gwala oneziqu zeZohwebo (Ezokukhangisa neZomnotho) ophethe iSakhiwesihle QY Construction, inkampani esimamayo yabantu abamnyama esebenza KwaZulu-Natal, e-North West naseMpumalanga Kapa.
• UNks Ntandokazi Buthelezi owenza unyaka wokugcina kwiziqu zeZohwebo nongusomaqhinga kwezobuchwepheshe besimanje e-Asante Digital Solutions nongungoti ovelele nge-Artificial Intelligence-ngokuhlanganyela ne-MTN SA.
Lengxoxo ibigxile ekutheni labongoti nalabosomabhizinisi bawasebenzise kanjani amajazi abo, amakhono nezinto abazifunde empilweni e-UKZN ukuphumelela.
KuMolefe, odabuka i-Kestell e-Free State, ukufunda e-UKZN kwakungasho ukugcina ngokuthola iziqu ze-LLB kodwa kwakusho ukuthola imfundo ephelele kwesinye isifundazwe, amasiko nezilimi.
‘Ngonyaka engafunda umatikuletsheni ngawo ngangingazi kahle ngezinto engangifisa ukuzifunda kodwa ngangazi ukuthi umthetho yiyonanto engiyithandayo nokuthi ngangingeke ngifunde enyuvesi ese-Free State njengoba umndeni wami wawuthanda. I-UKZN yashintsha impilo yami, njengoba ngahlangana nabantu abangicathulisa, bangiqeqesha kanti kulapho inhlangano yami yasungula khona. Ngafunda ukuphokophela ngisho iminyango ivaleka. Ngafunda umthetho ukuze ngibe ngumshushisi, okuyinto abantu abaningi abayixwayayo ngoba abantu abaningi balindele ukuthi ngibe wummeli kanti ngenza into engiyithandayo, ngibe ngiqeqesha abantu besifazane nentsha,’ kusho yena.
UJokweni Gwala wayencelisa amawele ngezifundo zakhe ebamba namatoho ukuze enze imali, aqale nebhizinisi. Kwadingeka athathe ikhefu leminyaka emibili ukuze ondle kubo ngemva kokushona kukanina. Isifiso sakhe wukuqopha umlando, aqinisekise ukuthi intsha yaseNingizimu Afrika inqoba inselelo yokungaqashwa.
Inhloso yami wukushintsha isizukulwane sangomuso ngamabhizinisi. Uhambo lwami lwase-UKZN lwalunzima, ngavivinywa, ngalingwa, ngehluleka izikhathi eziningil. Okwangehlela kwanginika isibindi, esenza ukuthi ngiphumelele emikhakheni egcwele abantu besilisa. Abantu abaningi bakholwa wukuthi awudingi imfundo ukuze uphumelele emabhizinisini, kepha njengomuntu oyiphilayo leyompilo, ngingasho ukuthi ngangingeke ngiphumelele emabhizinisini ngaphandle kwamakhono engawathola ngemfundo yami,’ kusho yena.
UButhelezi uthe ukhuthazwa wuthando lwakhe lokusebenzisa amandla obuchwepheshe, ubuholi namabhizinisi ukusebenzela imiphakathi.
‘I-UKZN yangilekelela ukuba ngakhe umsebenzi wami kwezobuchwepheshe ngokunginika ithuba lokuhlangana nabantu abacabangisa okwami ngokungena kwi-ENACTUS. Manje ngiyinxusa elincane labantu besifazane kwezobuchwepheshe nokusiza abesifazane babone amathuba kwezobuchwepheshe. Ngikholwa wukuthi abantu besifazane bangenza noma yini,’ kusho yena.
Ukubona lomcimbi, vakashela ikhasi lase-UKZN le-YouTube lapha.
Ngeminye imininingwane ngezinto ezenziwa ngabafundi bakudala baseKolishi Lezifundo Zomthetho neZokuphatha, vakashela ikhasi likaFacebook ku: @ UKZN.CLMS
Amagama: nguThandiwe Jumo
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .