13 August 2021 Volume :9 Issue :35

I-Durban International Film Festival Imemezele Abanqobi

I-Durban International Film Festival Imemezele Abanqobi
Abanqobe i-Durban International Film Festival (kusukela kwesobunxele) i-Downstream to Kinshasa; i-Ala Kachuu - Take and Run ne-A Little Bird Reminds Me. Click here for English version

I-Durban International Film Festival yangowezi-2021, ehlelwe yi-Centre for Creative Arts (i-CCA) yaseKolishi le-Humanities, imemezele abanqobile ngaphambi kokuvalwa kokukhonjiswa okokuqala kwefilimi i-Threshold yomqondisi waseBrazil u-Coraci Ruiz.

Umqondisi we-CCA uDkt Ismail Mahomed uthe: ‘Ngithakasile ngempumelelo ye-DIFF 2021, kanti bekuyintokozo enkulu ukubona ukukhonjiswa kwamafilimu amaningi nokubona isasasa elikhulu lezethameli zefestiveli zaseNingizimu Afrika.’

Egameni lokuba wushampeni wentando yabantu, amalungelo abantu, ubulungiswa emphakathini, ubuciko kwezemfundo nobuciko kubona bonke abantu, i-CCA yethule iminxa emithathu yemiklomelo. ‘Besifisa ukuhlonipha abenzi bamafilimu, izinhlangano nezikhungo ezizibophezele ebucikweni bamafilimu ukukhula, ukusimama nokuvikela idemokhrasi yethu,’ kwengeza u-Mohamed.

I-DIFF Promoting Access to Cinema Award yokuqala ingqontshwe yi-Sunshine Cinema ngomsebenzi wayo ovelele wokuhambisa lobubuciko emiphakathini mahala. Umklomelo we-DIFF Film in Education unqotshwe yinkampani engenzi nzuzo i-STEPS ngokukhiqiza amafilimu angomlando emisebenzi yezemfundo ehlukene. Umklomelo wokuqala we-DIFF Human Rights Award uye kuMnu u-Enver Samuels ngokwenza amaqophamlandu ngezingwazi zamalungelo abantu nokuvundulula isidingo socwaningo olujulile ngokusocongwa kwabaholi bepolitiki abanjengo-Dulcie September no-Ahmed Timol.

Emcimbini wemiklomelo, umklomelo omkhulu wefestiveli i-Best Feature Film udliwe ngumqondisi waseShayina u-Shin Xin ngolozolo i-A Little Bird Reminds Me. U-Xin uhlabane ngomklomelo wezi-R50 000 wahlonishwa ngokuba nguMqondisi Ovelele.

Umklomelo i-Best South African Feature Film, onomklomelo wemali eyizi-R25 000 udliwe yifilimu yaseKapa i-Sons of the Sea, eqondiswe nguMnu John Guttierez, kwathi iqophamlando elivelele kwaba ngelomqondisi ovelele waseCongo u-Dieudo Hamadi nge-Downstream to Kinshasa, indondo i-Best South African Documentary kwaba ngeye-I Am Here, eqondiswe wu-Jory Sank ne-Murder in Paris, eqondiswe ngu-Enver Samuels.

Ifestiveli yalonyaka inamafilimu amafishane angama-53 avelele. I-Best South African Short Film kube iManzini Zungu, eqondiswe yindikimba ngeNkosi uShaka ethi uShaka Inkosi Yamakhosi ngenxa yendlela athatha umlando ngayo.

I-African Short Film i-South African What Did You Dream? kaKarabo Lediga ne-Best Short Film ka-Ala Kachuu-Take and Run yomqondisi u-Maria Brendle wase-Kyrgyzstan.

Uhlu lwemiklomelo yonke lumi kanje:

I-Best Actor: Seounggyun An - My Son
I-Best Actress: Tsholo Maseko - Pusha Pressa Phanda
I-Best Screenplay: My Son
I-Best Director: Shin Xin - A Little Bird Reminds Me
I-Best South African Feature Film: Sons of the Sea
I-Best Feature Film: A Little Bird Reminds Me
 
I-Artistic Bravery: Pusha Pressa Phanda
 
I-Best South African Documentary: I Am Here
I-Best South African Documentary: Murder in Paris
I-Best Documentary: Downstream to Kinshasa
 
I-Best South African Short Film: Shaka Inkosi Yamakhosi
I-Best African Short Film: What Did You Dream?
I-Best Short Film: Ala Kachuu - Take and Run

 
I-Amnesty Durban Human Rights Award: I, Mary
 
I-DIFF Human Rights Award: wu-Enver Samuels
I-DIFF Film in Education Award: i-STEPS
I-DIFF Access to Cinema Award: I-Sunshine Cinema

Amagama: ngu-Melissa Mungroo

Izithombe: Zithunyelwe


author : .
author email : .