13 May 2021 Volume :9 Issue :15
OweSosiyoloji Uqokelwe i-International Amazing Women Award
USolwazi Mariam Seedat-Khan. Click here for English version
Ungoti wesosiyoloji kwezokwelapha wase-UKZN uSolwazi Mariam Seedat-Khan uqokelwe indondo i-My Pink Stilettos Amazing Women International Award eklomelisa abantu besifazane basemhlabeni jikelele abenza izinto ezimangalisayo ukufukula nokuthuthukisa umphakathi.
‘Ukuqokwa nezindondo kuyajabulisa,’ kusho u-Seedat-Khan. ‘Kusenza sibone ukuthi sonke sinamandla okwenza umehluko emhlabeni. Lokhu kuqokwa kwami okwabo bonke abantu besifazane abangendulele, engihamba nabo nalabo ababengabaholi ngezikhathi zobunzima.
‘Ngicabanga ukuthi i-The Pink Stilletos Global Project iqhakambisa ukufaka wonke umuntu nokulwela indawo yabantu besifazane basemhlabeni wonke. Abantu besifazane kufanele bahambe phambili, balwe nokungabi khona kobulungiswa.’
U-Seedat-Khan unconywe yikomiti ngomsebenzi wakhe emkhankasweni wokusiza umphakathi we-SMART (i-Simply Managing Academic Related Tasks), lapho eqhamuke khona nezindlela zokufundisa nezokufunda eminyakeni eyishumi, okwenze kwaba khona indlela yokulawula ukufunda okwenza abantu babenezindlela namaqhinga okufunda.
U-Seedat-Khan ubheka kakhulu indlela yobukhali bengqondo bomuntu, ukuthi ukwazi ukumumatha ulwazi isikhathi esingakani nokuthi ufunda kanjani. Ubheka imiphumela ebonakalayo ehambisana nomfundi ngamunye.
Ungomunye wongoti besosiyoloji yokwelapha angama-40 agunyaziwe emhlabeni, okumenza abe ngowesifazane oyedwa kwabathathu e-Afrika abagunyazwe yi-Association for Applied and Clinical Sociology (i-AACS).
U-Seedat-Khan, onamava okufundisa, ukuqeqesha nokucwaninga eminyaka engama-30 e-UKZN, e-University of Johannasberg nase-University of Witwatersrand, unentshisekelo yezindlela zokucwaningo ezithinta ukwelapha, ukuqonda kangcono ubudlelwano babantu nezindlela ezintsha zokufunda.
Uqeqeshwe kabanzi eToronto, e-Canada, naseNingizimu Afrika kanti ungumuntu ohamba kakhulu, nakuba okuningi ekwenza ezinkundleni zokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje ngenxa yesimo se-COVID-19 ukuze ahlale azi izinto ezenzeka kwezocwaningo nasemsebenzini endimeni yakhe. Uthando lwakhe lokuziphatha kwabantu lumenza aqonde indlela izikhungo zomphakathi, izinkampani nezemfundo ephakeme ezisebenza ngayo.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .