26 March 2021 Volume :9 Issue :8

Umfundi Wezobudokotela Uqokelwe Emkhandlwini i-KwaZulu-Natal Climate Change and Sustainable Development Council

Umfundi Wezobudokotela Uqokelwe Emkhandlwini i-KwaZulu-Natal Climate Change and Sustainable Development Council
Umfundi wezobuDokotela kwezeNdawo nokuPhathwa kweMvelo nongumholi wentsha yamaHindu, uNks Tashmica Sharma.Click here for English version

Umfundi wezobudokotela kwezeNdawo nezokuPhathwa kwezeMvelo nongumholi wentsha yamaHindu, uNks Tashmica Sharma uqokelwe eMnyangweni weZokuthuthukiswa kweMvelo, Ezokuvakasha Nezemvelo ukuthi amele i-South African Hindu Maha Sabha emkhandlwini i-KZN Climate Change and Sustainable Development Council, osihlalo wayo nguMhlonishwa uNdunankulu wesifundazwe uMnu Sihle Zikalala, kusukela ngoNhlolanja wangowezi-2021 kuya kuNdasa wangowezi-2024.

Emukela uSharma, uZikalala uthe: ‘Ngithatha lelithuba ukukwemukela eMkhandlwini kanti sibheke igalelo lakho nomsebenzi wakho wokuba yiso kuloMkhandlu. Ngethemba ukuthi uzowusiza kakhulu uhulumeni wakwaZulu-Natali ukulawula umonakalo wokuguquguquka kwesimo sezulu nokugqugquzela intuthuko yokonga imvelo ngokubambisana nemiphakathi.’

Emsebenzini ka-Sharma eMkhandlwini kukhona ukwenza, ukubheka nokuhlola izinhlelo noma amaqhinga okonga imvelo anqunywe ezingeni lesifundazwe noma lesifunda agxile emikhakheni esengozini enkulu, ucwaningo ngezinhlelo namaqhinga kokunciphisa umonakalo nokuqeqesha imiphakathi ukuthi ikwazi ukubhekana nezinselelo zezemvelo. Umhlangano wokuqala woMkhandlu ubungomhla we-19 kuNdasa.

U-Sharma ungusosayensi wezemvelo onothando lwemikhakha yokuguquguquka kwemvelo, ukonga imvelo nezokulawula i-ekholoji emadolobheni. Ucwaningo lwakhe lweziqu zobudokotela, olugxile kwezobulungiswa bezemvelo nokulawulwa kwezinhlekelele eNingizimu yeTheku, lubhekwa nguSolwazi u-Brij Maharaj. Wayengumholi wentsha ye-South African Hindu Maha Sabha (i-SAHMS) kusukela ngonyaka wezi-2015 kuya kowezi-2018, kwathi emva kwalokho waba yilungu le-Women’s Forum ye-Sabha. Ungunobhala we-Shree Sanathan Dharma Sabha of South Africa.

‘Lesisikhundla sihambisana kahle nokuthi ngisebenzise lonke ulwazi engilutholile kwezemfundo ngeziqu ezihlukene engizithole e-UKZN kanjalo nolwazi engiluzuze ezinhlanganweni zomphakathi ukuthi kube nemvelo ehlanzekile nokuvikela yonke impilo yazo zonke izinhlobo esengcupheni ukuthi iphilisane nezinye izinto eziphilayo,’ kusho uNks u-Sharma.

Amagama: ngu-Brij Maharaj

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .