Ukuhlanganyela Ukulwa Nokuhlukumeza Ngokobulili
Amazwibela emcimbini wokufundisa ngokuhlumeza ngokobulili ekhempasini yase-Edgewood.Click here for English version
Abengamele izindawo zokuhlala eNyuvesi YaKwaZulu-Natal - oNks Nobuhle Lushaba, uNks Naledi Khwela, uMnu Sandile Ndawonde noDkt Sebastian Sanjigadu – bebesekhaleni lomkhankaso wokushintsha indlela izitshudeni ezibuka ubudoda ngayo, indluzula nokuhlumeza abantu ngokobulili ngomkhankaso wokufundisa obesekhempasini yase-Edgewood.
Kulo mcimbi bekukhona abafundi abangama-420 nezivakashi ezingama-20, okukhombisa ukweseka ngamandla ukufundisa ngobubi bokuhlukumeza ngokobulili. Abafundi bakhombise ukuzibophezela ekwesekeni abantu abahlukunyeziwe, ukufundisa nokwenza indawo efaka wonke umuntu nephephile.
Lolu hlelo lokulwa nokuhlukumeza ngobulili luhlose ukugqugquzela ubuqotho kwizakhamuzi nobulungiswa emphakathini ngokwandisa ukufundisa, ukugqugquzela uguquko nokweseka ubunye phakathi kwabafundi.
Kwizikhulumi ebezikhona kubalwa uSolwazi Shakila Singh, uDkt Sthenjwa Mdluli, uNks Zama Mbonambi, uNks Delisile Saunders, abantu abamele i-Edgewood Campus Representative Council noMnu Sibusiso Khumalo, Inhloko yoMnyango weZindaba Zabafundi. Badingide izinto eziyingozi ezithinta ubulili, bazisa ngezinsiza zokubika amacala okuhlukumeza ngokobulili.
Izethameli zaziswe ngezindlela zokubika nezindlela zokuzeseka ezikhona. Lo mcimbi ugqugquzele abafundi ukuthi babambe iqhaza, lwethula izinhlelo zangomuso zokhukhulengoqo kuwo wonke amakhempasi.
Isigcawu semibuzo nezimpendulo zinike izethameli ithuba lokuxoxa ngezindaba zabo, okulekelele ukunciphisa ihlazo nokukhuthaza abanye abantu ukufuna usizo.
U-Sanjigadu uthe: ‘Inhlosongqangi yalo mcimbi bekungukukhuthaza isiko lokungabekezeleli ukuhlukumeza ngokobulili. ‘Inkulumo ngokuhlukumeza ngokobulili ekhempasini yase-Edgewood idale ukuthi umphakathi ubambe iqhaza, kubenemfundo noguquko esikhungweni, konke okuhlose ukudala indawo ephephe ngokuthe xaxa,’ kwengeza yena.
Ngale kwezinselelo - okubalwa kuzona indaba yezindawo, ubuncane besikhathi, ukushoda kwezikhulumi, uSanjigadu ubalule impumelelo. Uthe isibalo sabantu abaningi akadebekhona besiqinisa idolo, wengeza ngokuthi kusengenziwa kangcono kwezinye izindawo.
UMnu Ntokozo Magutshwa, umfundi owenza unyaka wesine, uthe ukufundisa ngokuhlukumeza ngokobulili kubewumkhankaso oyimpumelelo. Uphakamise indlela efaka wonke umuntu, wathi: ‘Kubalulekile ukubheka bonke abantu uma kudingidwa izihloko ezinje. Ukufaka abantu abathanda abantu bobunye ubulili nezinye izinto kungafundisa abantu kangcono, kwenze abafundi bazizwe bebonakala futhi besekwa.’
Umcimbi olandelayo, ohlelelwe umhla we-16 kuNcwaba, uzogxila ekufukuleni abantu besifazane.
Amagama: wuSinoyolo Mahlasela
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .I-Umbilo Giant Killers Ivikele Isicoco Kowe-2025 Human Rights T20 Blind Cricket Cup
Amaqembu ayebambe iqhaza kwi-Human Rights T20 Blind Cricket Cup.Click here for English version
I-Amanzimtoti Oval Cricket Club yayiphithizela ngempelasonto yoSuku LwamaLungelo ngenkathi iKwaZulu-Natal Association for Blind Cricket (KZNABC), ngokubambisana neKwaZulu-Natal Society for the Blind (KNSB), behlele i-2025 Bureau Veritas T20 Blind Cricket Cup.
Lo mqhudelwano wezinsuku ezintathu ubugubha ukuhlangana kwabantu abahlukene, ukucobelelana nokuvelela kwezemidlalo, uhehe izinkumbi zezihlwele, ezinye obekokungokokuqala bebona ikhilikithi yabantu abangaboni. Lo mqhudelwano wawunamaqembu amane: okungompetha abebevikela isicoco Umbilo Giant Killers (UGK), Amaqhawe, Scorpions nomafikizolo iPietermaritzburg Pioneers, eyayibunjwe ngabafundi baseNyuvesi yaKwaZulu-Natali namalungu omphakathi.
I-UGK yavikela isicoco sayo ngokuqopha umlando wokungahlulwa, yathola amaphuzu ali-18, yalandelwa yi-Scorpions nAmaqhawe bobabili abathola amaphuzi ayi-9 ngamunye, kwathi i-Pioneers ebingazibekile phansi yaqeda endaweni yesine. Phakathi kwabadlali abavelele kwakukhona u-Anathi Xelelo (UGK), owakhethwa wanguMdlali Wesilisa Ovelele ne-B2 Batsman, no-Bridget Mbutho (UGK), owanqoba indondo yoMdlali Wesifazane Ovelele. USiyanda Gumede we-Amaqhawe wathatha amehlo enqoba umklomelo we-B3 Bowler Evelele nowoMdlali Omncane Ovelele.
UMengameli weKZNABC uNdumiso Nyawose wawuncoma lo mqhudelwano ngokuveza amakhono namathuba.
‘Lo mncintiswano ungubufakazi balokho okungenziwa ngabadlali abangaboni uma benikwa ithuba. Usho intuthuko, ukufakwa kwabanye abantu nokuphila okunempilo,’ kusho yena.
Amavolontiya omnyango we-Biokinetics, Exercise and Leisure Sciences (BELS) yase-UKZN abambe iqhaza ngokushaya amagoli nangokuxhasa, bathola amava emhlalweni omusha. Umfundisi uDkt Khumbuzile Khumalo, obengunompempe, ugcizelele ukubaluleka kokuthi abantu besifazane babambe iqhaza kwikhilithi yabantu abangaboni.
Lo mqhudelwano ubuxhaswe phakathi kwabanye yi-Aquelle, i-Oasis Water, i-Ashraful Aid, ne-South African National Zakah Fund neKZN Cricket Union. Nakuba ubeyimpumelelo ngokwabaxhasi, uNyawose ubalule isidingo sabanye abaxhasi, ikakhulukazi ekuthuthiseni indima yomdlalo wekhilikithi yabantu besifazane.
Umqhudelwano wezi-2025 ufakazele indawo yeKZN yokubayisikhondlakhondla kwikhilikithi yabantu abangaboni, lapho khona i-UGK iyivulandlela futhi inezifiso zokusimamisa lo mdlalo esifundazweni.
Amagama: wuNombuso Dlamini
Izithombe: Zithunyelwe
author : .author email : .I-Halcyon Theatre: Indawo Yobuciko Yokwelapha Abafundi Ngengqondo
Abafundi abenza unyaka wokuqala be-Occupational Therapy oNks Savannah Prange (kwesobunxele) noNks Asivenathi Plaatjie.Click here for English versionUkubhekana nesihlava esibhebhethekayo sesimo sengqondo yentsha, umfundisi we-Occupational Therapy uDkt Chantal Christopher, enabafundi abenza unyaka wesine uNks Savannah Prange noNks Asivenathi Plaatjie, bethule i-The Halcyon Theatre, umkhankaso wezempilo ohlanganisa indlela enobuciko nokweseka isimo sabantu sesimo sengqondo yabo.
Begqugquzelwa okumelwe wuphawu lwe“Halcyon”, uphawu olumele ukuthula phakathi kwesiphithiphithi, lo mkhankaso uhlinzeka indawo yokwelapha lapho khona abafundi bekwazi ukuninga, baxhumane futhi balulame.
‘Izinsuku zokuthula azibonakali ngokuthi kungabinabunzima kodwa zibonakala ngokukwazi ukuthola ukuthula nokuvuseleleka ngisho nangezikhathi zobunzima,’ kusho uDkt Christopher.
I-Halcyon Theatre, eyingxenye yomkhankaso obanzi i-Youth in Bloom, ikhombisa ukuthi ukululama akusho into ehamba iqonde, njengezimbali ziqhakaza ngesikhathi esithile sonyaka. Iyindawo yokukhosela yabafundi ababhekene nobunzima bokufunda nobempilo ngokuhlinzeka izikhathi ezithile masonto onke ngendlela enobuciko njalo ngoLwesithathu phakathi kwehora le-9 ekuseni kuya kwele-12 emini e-Multi-Purpose Room (E Block, ekhempasini yase-Westville).
Lo mkhankaso, ovunyelwa yizibalo ezishaqisayo ze-UNICEF (United Nations Children’s Fund) ezikhombisa ukuthi ama-75% entsha ephakathi kweminyaka eyi-15 nama-24 adinga ukusekwa ngokwengqondo kepha angaphansi kwama-10% akutholayo uhlose ukuvala lelo gebe ngobuciko, ukuzikhulumela ne-occupational therapy.
Abafundi abenza unyaka wokugcina we-occupational therapy nalo mkhakha ukuhlela lezi zithangami, okugxile ekulawuleni imizwa, ukuxhumana komphakathi nokusebenza okubonakalayo. Bonke abafundi bamukelekile ukuza noma ukubekisa isikhala kulolu hlelo ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ready to Bloom”.
Bekisa isikhala lapha noma uthumele i-email ku: halcyontheatre0@gmail.com
Ufisa ukusiza noma ukubangomunye wethimba? Thumela i-email ku: christopherc@ukzn.ac.za
Amagama: wuNombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .Ingqungquthela Yabaneziqu Yase-UKZN Ikhuthaza Ubufundiswa Bemikhakha Ehlukene
Ithimba labahleli kusuka kwesobunxele: uDkt Gerelene Jagganath, uSolwazi Sultan Khan, uDkt Vuyelwa Maweni, uDkt Londeka Ngubane, uMnu Ntsika Mlamla, uDkt Noma Sibisi noSolwazi Shanta Balgobind Singh.Click here for English version
INyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) ibihlele ingqungquthela ebizwa nge-Socio-Criminological Perspectives of Crime in Africa, ebinabafundi bemikhakha yezifundo ehlukene.
Lo mcimbi, osanda kwenzelwa ekhempasini yase-Howard College, ubuhlanganise abantu ababambe iqhaza abamqoka, izifundiswa nezifundiswa ezisafufusa.
Lo mcimbi wezinsuku ezimbili ubuyingqophamlando ebalulekile yokuhlanganisa ucwaningo lwemikhakha ehlukene nezingxoxo phakathi kwabafundi abenza iziqu eziphezulu nezifundiswa zaseKolishi Lezesintu, okubalwa imikhakha ye-antropoloji, ikhriminoloji nezifundo zokufokisa nesesoyoloji.
Le ngqungquthela ivulwe ngokusemthethweni yiDini neNhloko yeSikole SeSayensi YezeNhlalo uSolwazi uFederico Settler, owethule inkulumo yokwemukela.
Enkulumweni yakhe, u-Settler ugcizelele ukubaluleka kokuxoxisana kwemikhakha ehlukene nesiko locwaningo olunzulu oludingida izimo zomphakathi wesimanje.
Izinkulumo bezigxile ezihlokweni ezihlukene okubalwa kuzona ukuhlukumeza ngokobulili, amacala endluzula ebantwini, incwadi nendlela yokwenza izinto yokuhlumelelisa isimilo, imibono yenhlalo namacala, indlela yokushushisa nendlela yokuqapha ubugebengu ezinkundleni zobuchwepheshe, ikakhulukazi ekufuzeni abantu nokuvimba ubugebengu.
Izikhulumi zidingide izindaba zenhlalo ezenzeka emhlabeni, zakhombisa ulwazi olunzulu lokuqonda imibhalo yocwaningo efanele nezinhlaka zolwazi lwencwadi, zibe zikwazi ukukhuluma ngemiphumela yocwaningo ebamba iqhaza ngendlela ebonakalayo emikhakheni yazo ehlukene.
Izikhulumi eziqavile bezimele imikhakha ehlukene okubalwa kuzona i-South African Police Service (SAPS), i-Metro Police, uMnyango WezokuPhepha KoMphakathi NokuXhumana, uMnyango WezokuHlumelelisa Isimilo nomkhakha womthetho.
Baxoxe ngezindlela eziletha ulwazi nezivala igebe locwaningo nenqubo nendlela yokwenza. Izinkulumo zabo zikhanyisele abafundi ngezinto eziphathekayo ngomsebenzi wazo, babalula eminye imikhakha engafundelwa, bagcizelela ubumqoka bocwaningo oluncike olwazini.
Ikomiti ebelihlele le ngqungquthela – oSolwazi Shanta Balgobind Singh (umgqugquzeli wengqungquthela), uSolwazi Sultan Khan, uDkt Gerelene Jagganath, uDkt Noma Sibisi, uDkt Vuyelwa Maweni, uDkt Londeka Ngubane noMnu Ntsika Mlamla – linconyiwe ngempumelelo yalo mcimbi.
Abanye abantu okufanele babongwe yiSikole SeSayensi yeZenhlalo iSikole se-Applied Sciences ngokweseka nangeqhaza laso.
Le ngqungquthela ibeke isisekelo sokubambisana kwangomuso emfundweni emikhakheni ehlukene, okugcwalise isibopho seNyuvesi yaKwaZulu-Natali sokuzinikela ocwaningweni oluhambisana nezidingo zomphakathi.
Amagama: yiNdabaOnline
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .I-STEM MentHER Programme Yakha Isizukulwane Sangomuso SoSosayensi Besifazane Nabenzi Bezinto Ezintsha
I-UKZN mhla yenze i-STEM MentHer Induction yesithathu.Click here for English version
IKolishi LezoLimo, Ubunjiniyela neSayensi laseNyuvesi yaKwaZulu-Natali, ngenhloso yokusimamisa imisebenzi esemikhakheni yesayensi, ubuchwepheshe, ubunjiniyela nezibalo kubantu besifazane, ibihlele umcimbi waminyaka yonke okwesithathu i-STEM MentHER Programme Induction e-Science Centre.
Kulolu hlelo kuqokwa abafundi besifazane bebanga 12 abaphasa kahle basezikoleni zakuzo zonke izindawo KwaZulu-Natali, banikwe ithuba lokucijwa nokucathuliswa ukulungiselela imikhakha abangayikhetha.
Umcimbi uvulwe ngenkulumo yokwemukela yeDini yoCwaningo e-UKZN uSolwazi Neil Koorbanally, ogcizelele ukubaluleka kokuhlomisa abantu besifazane abasebancane ngolwazi emikhakheni yesayensi, ubuchwepheshe, ubunjiniyela nezibalo. Ilandelwe yisingeniso sokuthula lolu hlelo esenziwe ngumsunguli walo, uDkt Cerene Rathilal, ongumfundisi omkhulu weZibalo e-UKZN.
UDkt Rathilal ubalule injongo yalolu hlelo ukuvala igebe lobulili kwisayensi, ubuchwepheshe, ubunjiniyela nezibalo ngokuhlomisa abantu besifazane abasha abanothando lwale mikhakha, ukubabonisa amathuba nokubaxhasa.
Isikhulumi esiqavile, uSolwazi Quarraisha Abdool Karim, ungoti womkhakha wezifo ezithelelanayo nongomunye wabasunguli be-Centre for the AIDS Programme of Research in South Africa (CAPRISA), wethule inkulumo ekhuthazayo. Ulandise izethameli ngohambo lwakhe locwaningo lweminyaka engama-20 ecwaninga ngegciwane lengculazi ukuthi ukuphokophela ukucwaninga kwaholela kanjani empumelelweni ukunqanda ukubhebhetheka kwesandulelangculazi.
Indaba kaSolwazi Abdool Karim ithole indawo ezinhliziyweni zentsha eningi ebikhona, ikhombisa ukuthi impumelelo kwisayensi, ubuchwepheshe, ubunjiniyela nezibalo akusho ukuthi akunazinselelo kodwa ukuphokophela nokusebenza kanzima kuzala impumelelo emangalisayo. Uhambo lwakhe lungubufakazi bokuthi abantu besifazane abanamandla bayakwazi futhi bayaphumelela ocwaningeni lwesayensi.
Ngemva kwenkulumo ekhethekile, izethameli zingeniswe kulolu hlelo, zathola amabheji azo e-STEM MentHER, zahlangana nabeluleki bazo. Ezinyangeni ezizayo laba bantu besifazane abancane bazongena ohlelweni lokucijwa oluhlelekile olunezigcawu zemfundo zokucijwa, ukwelulekwa ngemikhakha yomsebenzi nokusebenza okuhloswe ngakho ukucija ithalente labo nokubalungiselela impumelelo emikhakheni yesayensi, ubuchwepheshe, ubunjiniyela nezibalo.
I-STEM MentHER Programme wumkhankaso omqoka ekulungiseni indaba yokushoda kwabantu besifazane emikhakheni yesayensi, ubucwepheshe, ubunjiniyela nezibalo. Ngokubahlinzeka ngabantu ababukela kubona, ukucijwa nokubabonisa ukuthi kwenzekani emsebenzini, i-UKZN icaba indlela yesizukulwane sosayensi, onjiniyela nongoti bezibalo besifazane abazophosa esivivaneni sokwenza izinto ezintsha nokuthuthukisa iNingizimu Afrika nomhlaba jikelele.
STEM Njengoba laba bantu besifazane abasha beqala uhlelo lonyaka lokucijwa, abagcini nje ukuthemba ulwazi abalutholile kodwa bagcwele umdlandla wokudiliza izindonga nokukhombisa izinto ezintsha ezingenzeka kwisayensi, ubuchwepheshe, ubininiyela nezibalo.
Amagama nezithombe: wuSiphesihle Shezi
author : .author email : .