Uhlelo Lokuzwa Amanzi Ngobhoko Lwabafundi Abaqeqeshelwa Umsebenzi Luzosiza Abathole Iziqu Zomthetho Ukuzithuthukisa Ekwazini Umsebenzi
UDkt Eben van der Merwe (ongowesibili ngakwesobunxele) enomunye wabaphathi bakhe, uSolwazi David McQuoid-Mason (ongowesibili kwesokudla); indodakazi yakhe, uDkt Amy van der Merwe (ongowokuqala kwesobunxele); kanye nenkosikazi yakhe, u-Advocate May O’Gorman.Click here for English version
UDkt Eben van der Merwe oneziqu zobudokotela e-UKZN usesungule futhi waqala uhlelo lokuzwa amanzi ngobhoko (internship) olugxile kwezobulungiswa bezenhlalakahle kubafundi abenza iziqu zokuqala (undergraduate) zezomthetho (i-Clinical Law LLB) athi lungasebenza njengomhlahlandlela kwezinye izikole zoMthetho eNingizimu Afrika.
U-van der Merwe udwebe lolu hlelo ngesikhathi enza izifundo zakhe ze-PhD kwezeMfundo ePhakeme nazithweswe ngesikhathi semicimbi yokuthweswa iziqu ekwindla kulo nyaka.
Uthe iziqu zakhe zobudokotela zimenze wakwazi ukuhlola izindlela ezifanele zokufunda kanye nemibono yokufunda ukuze kuqalwe izindlela ezahlukene zokufundisa ngezomthetho. Imiphumela yocwaningo yaveza ukuthi uhlelo lokuqeqeshela abafundi umsebenzi lube nomthelela omkhulu emakhonweni nasolwazini lwasemsebenzini, kwabayingxenye yalo.
Umbhalo wocwaningo lwakhe lwe-PhD ubugxile kubafundi ebenza unyaka wokugcina we-LLB lapho befunda ngobulungiswa bezenhlalakahle ngohlelo lokuqeqeshelwa umsebenzi.
Umqulu wemigomo we-LLB waseNingizimu Afrika ubonisa ukuthi ukuqashwa ngemva kokuphothula iziqu zoMthetho kanye nokuthuthukisa ubuwena, amakhono nolwazi lomsebenzi ngezinye zezinhloso kanye nemiphumela yezemfundo zomthetho.
U-van der Merwe uthe: ‘Ngibheke phambili ekumeleni ukufunda okudidiyelwe emsebenzini ukuze kube yingxenye eyimpoqo yezifundo zezoMthetho kubafundi abenza iziqu zokuqala zezoMthetho (i-LLB), ukunika izinhlelo zeziqu zemastazi ezikhethekile ezihlinzeka ulwazi lokufunda olunzulu, lwemikhakha eyehlukene futhi oluza noshintsho kubafundi abenza iziqu ezilandela ezokuqala (i-honours). Uhlelo luhlose ukulekelela abafundi abenza iziqu zokuqala kanye nabenza iziqu ezilandela ezokuqala kwezomthetho ukuze babumbe ulwazi lomsebenzi oluzobahlahlela indlela ebheke kwikusasa emsebenzini wabo wezomthetho.’
Uqale ukuba nentshisekelo yokufundisa kanye nokugqugquzela ukuthuthuka ngezemfundo ekuqaleni kokusebenza kwakhe efundisa ezenhlalakahle kule nyuvesi ayayibizwa nge-University of Natal ngaleso sikhathi ngowe-1987, intshisekelo yakhe iqhubekile, ngokuvela kwamanye amathuba okufundisa esikoleni sezomthetho i-Law Society of South Africa’s Practical Legal Training School, kanye nokuqeqesha labo abathole iziqu zobumeli asebelungiselela ukubhaliswa njengabameli kusuka ngowe-1997 kuya kowezi-2010 kanye nasesiKoleni seZomthetho e-UKZN kusuka ngowezi-2008 kuya kowezi-2019.
Kusuka ngowe-1996, ubengummeli ozimele, eqhubeka nokuba ngummeli ophethe uhlelo lokunikezela ngosizo lwezomthetho eKolishi lezoMthetho eHoward yase-UKZN (olunika usizo lwezomthetho lwamahhala kubantu bomphakathi abaswele) kusuka kowezi-2008 kuya kowezi-2019. Kusuka ngowe-1996, bangama-42 asebephothule izifundo zabo zobumeli abaqeqeshelwa ukuba ngabameli ngokuphelele abebenezinkontileka zokusebenza naye, bonke abagcine sebeba ngabameli ababhaliswe ngokusemthethweni. ‘Zimbalwa izinto empilweni engizithola zingenelisa njengokubona umuntu omusha othweswe iziqu zobumeli ekhula futhi eqhakaza eba ngummeli ngaphansi kweso lami.’
U-van der Merwe uthe: ‘Ngizohlale ngibonga kubaphathi bami kanye nezingcweti zezemfundo uSolwazi Saras Reddy, uSolwazi Rubby Dunpath, kanye noSolwazi David McQuoid-Mason ongumholi wamazwe omhlaba ekufundisweni kwezomthetho okuhambisana nokwenza umsebenzi, (i-Clinical Legal Education).’
Umbhalo: yi-NdabaOnline
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .Ingqungquthela Yomphakathi Wase-UKZN Yokucobelelana Ngolwazi nge-Autism
Abanye abebethamele ingqungquthela ye-autism.Click here for English version
Njengengxenye yomzamo we-UKZN wokusabalalisa ukuqwashisa nge-autism, ithimba leSikole seZemfundo okuhlanganyela Nomphakathi (i-School of Education’s Community Engagement), libambisane nenhlangano i-Action in Autism ukubamba ingqungquthela yokuxoxisana nomphakathi.
I-Action in Autism inhlangano engenzi nzuzo enika ulwazi, izinsiza, ukufundisa kanye nocwaningo nge-autism spectrum disorder (i-ASD) kulaba ebaphethe nalabo ababanakekelayo ukuze benze ngcono izinga lempilo.
Umholi wezeMfundo ekuXoxisaneni noMphakathi kanye nomhleli womcimbi, uSolwazi Angela James, ucacise ngokubaluleka kokuba khona kwalezi zinhlobo zemicimbi eNyuvesi, kanti uMnuz Prashant Parusnath we-Action in Autism uthe uyakwazi ukungaqondwa, isikhathi esiningi ekuthola kunzima ukuqonda ukuthi abanye bacabangani noma bazizwa kanjani, futhi ehlale ekhathazekile ngokuhlanganyela nabanye ezindaweni zokuhlanganyela nabanye.
U-Parusnath uchaze ngezimpawu ze-autism, egxile ezimeni ezibucayo zabanalesi sifo abanesidingo esikhulu sokwesekwa abadinga ukwelekelelwa ngakho konke abakwenzayo, kubalwa nokuzigqokisa kanye nokudla.
Ukhulume ngokuthi baphila kanjani abantu abanezidingo ezisezingeni eliphansi ezingafani nezabanezidingo ezisezingeni eliphezulu. ‘Abanakekela abantu abane-autism, ikakhulukazi abanezidingo ezisezingeni eliphezulu, badinga lonke ulwazi olufanele ukuze banakekele abanalesi sifo ukuze bakwazi ukuzimela,’ usho kanje.
Ngesikhathi salesi sigaba, uNkz Liza Aziz, uSihlalo we-Action in Autism, ucele abebeyingxenye ukuthi bazihlukanisa ngababili bese bexoxa besebenzisa ulimi lwezandla bechaza ukuthi umuntu udle ini ngesikhathi sesidlo sasekuseni ukuze babe nolwazi ngobunzima obubhekana nabantu abaphila ne-autism zinsuku zonke.
Uthe abantu abaphila ne-autism isikhathi esiningi abakhulumi noma basho kuphela amagama ambalwa. Labo abangaxoxi kwesinye isikhathi bazwakala ngendlela engajwayelekile, njengokukhuluma sengathi bayacula kanye nokuphinda phinda abakushoyo.
‘Ukuxoxa ngesikhathi kanye nomgqigqo kungaba nzima kumuntu ophila ne-autism ukuthi bakufunde noma bakusebenzise kanti kungenzeka bahlangabenzane nobunzima. Isibonelo, abanye bahlangabezana nobunzima ukusebenzisa izabizwana noma ukufunda imithetho yengxoxo.’ kusho u-Aziz, ogqamise ukuthi abantu abaphila ne-autism bakuthola kunzima ukuqonda amahlaya kanye nezingathekiso futhi bakuthole kunzima ukuxhumana ngendlela ezwakalayo noma eyamukelekayo.
Abantu abaphila ne-autism abajwayele ukukhombisa intshisekelo yobudlelwane bokuhlalisana nabanye. U-Aziz ucaphune omunye onalesi sifo, uMnuz John Elder Robertson, othe: ‘Ngangidlala ngedwa ngoba bengihluleka ukudlala nabanye. Bengingedwa ngenxa yemigoqo ebengizibekele yona kanti ukuba wedwa yiyonanto ebiletha ukudumala okunganambitheki empilweni yami yokuncane.’
Funda kabanzi ngomsebenzi we-Action in Autism ku: https://www.actioninautism.org.za
Ukubuka i-podcast yezinkulumo
zenqunquthela, cindezela
la
Umbhalo: nguSinoyolo Mahlasela
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .Umfundi Odabuka Ezweni Elingaphandle Kwaleli Uthweswe Iziqu Edlubhe Imvunulo
Umfundi wasezweni elingaphandle kwaleli, uNksz Sebongile Tshabalala, eqhakambisa isiko lakhe ngesikhathi kunomcimbi wokwethwesa iziqu.Click here for English version
UNksz Sebongile Tshabalala uqhakambise isiko lakhe ngesikhathi eya esiteji eyidlubhe iphelele imvunulo yakhe yaBasotho ukuyokwamukela iziqu zakhe ze-Onazi kwezeSayensi yeNhlalakahle neNqubomgomo yoMphakathi, (i-Bachelor of Social Science Honours degree in Public Policy.)
UTshabalala ugiye waqephuza ebheke esiteji ngesikhathi kunomcimbi wokwethwesa iziqu ngaphansi kwekolishi lezeSintu, ekhombisa izethameli kanye nabanye abafundi umdanso wesiko lakhe, okuthokozelwe ngenhlokomo kanye nehlombe.
UTshabalala, ongowokudabuka eLesotho, uthe bekubalulekile kuye ukuthi abe yingxenye yomcimbi wokwethweswa iziqu evunule waphelela. Ukufunda e-UKZN bekuyiphupho lakhe esayingane kanti ubefuna ukumela izwe lakubo ngesikhathi kunalo mcimbi okhethekile.
Unqume ukuqhubeka nezifundo zakhe ukuhlonipha isikhumbuzo sikaninakhulu owashona ngowezi-2021 kanti futhi uhambo lwakhe belungelula njengoba ebhekane nezinkinga ezithinta yena ngqo ngesikhathi esaqala ukufunda kodwa ekugcineni ukwazile ukuzinqoba ngenxa yokuzimisela kanye nokubekezela.
‘Manje ngoba sengizitholile iziqu zami ze-onazi, ngihlela ukwenza iziqu zemastazi bese ngiya ngaphandle emhlabeni wokusebenza. Ngizokwenza iziqu zeMastazi kwiNqubomgomo yoMphakathi ngoba ngizibona ngingumhlaziyi wezinqubomgomo futhi ngiba isifundiswa - Ngifuna ukuba uSolwazi futhi ngimele izwe lami,’ kusho uTshabalala.
Imicimbi yokwethwesa iziqu yase-UKZN iyisikhathi okungesiso esokubungaza impumelelo yezemfundo kuphela kodwa iyinkundla lapho amasiko ahlukene akhona esikhungweni eqhakanjiswa. Isigejana sabafundi abaqhamuka emazweni angaphandle athweswe iziqu kule micimbi yokwethweswa iziqu yakamuva, abanye bebephethe ngokuziqhenya amafulegi asemazweni abo ngesikhathi begibela esteji.
Umbhalo: nguSinenhlanhla Mkhwanazi
Isithombe: Sethu Dlamini
author : .author email : .Ungcweti Wase-UKZN Wezokwelashwa Komndeni Negalelo Emqingweni Wamakhono Okunakekela Umndeni Ngezempilo eNingizimu Afrika
USolwazi Mergan Naidoo.Click here for English version
Ungcweti wezokwelashwa komndeni, uSolwazi Mergan Naidoo ungumhleli wesigaba sesine somqingo wokwelashwa komndeni eNingizimu Afrika, i-South African Family Practice Manual (SAFPM) kanye nokuphosa esivivaneni izahluko ezilishumi kulolu shicilelo.
I-SAFPM iyinsiza enosizo kubafundi bezokwelapha, abathweswe iziqu abaqeqeshelwa umsebenzi, abenza umsebenzi wokwelapha emphakathini, abelaphi kanti kwezinye izikhathi, abaqeqeshelwa ukuba ngodokotela kanye nodokotela abenza iziqu ezilandela ezokuqala.
U-Naidoo, onguSolwazi oPhikweni Lokuqondiswa Kwezempilo Komndeni e-UKZN, unentshisekelo ngezemfundo zabasebenzi bezempilo, i-Health Professions Education (i-HPE) kanti phambilini uke waba ngumholi wezemfundo wezokuFundisa kanye nokuFunda eSikoleni sobuHlengikazi, kanye neZempilo zoMphakathi kanti useshicilele kabanzi emkhakheni we-HPE. Ubuye abe nguMhleli weMibhalo yeZifundiswa emqingweni, i-PLOS1; umhloli wangaphandle weNyuvesi yaseBotswana; uSihlalo weNkundla yezoKwelashwa koMndeni eThekwini, i-eThekwini Family Medicine Forum; uNobhala ongaholi weKolishi lokuLashwa kweMindeni eNingizimu Afrika (Honorary Secretary: College of Family Physicians of South Africa); umdidiyeli wohlelo labenza iziqu zeMastazi Ekulashweni koMndeni e-UKZN; kanye neNhloko yophiko lokuhlola olungaphansi kophiko lokwelashwa komndeni esibhedlela,iClinical Unit of Family Medicine esibhedlela eWentworth eThekwini.
Ngesikhathi ebuzwa ngokuthi yini emgqugquzelayo njengomfundisi, u-Naidoo uthe: ‘Ukugqugquzela abantu abasha ukuthi bacabange ngokujulile futhi bahlale bebuza imibuzo yikhona okungikhuthazayo njengomfundisi.’
I-SAFPM iwuhlelo lwenhlangano kazwelonke yobungcweti Yezokwelapha Zomndeni - Isikole SaseNingizimu Afrika Sodokotela Bomndeni - futhi ibe yinsiza ebalulekile yokuqeqeshwa Kwezokwelapha Komndeni kuleli zwe kanye namanye amaningi e-Afrika yonkana. Iyisiqondiso esisebenzayo esigxile 'ekuhambeni' kokusebenza ezinsizeni zezempilo zesifunda futhi kuhlanganisa namakhono ayisisekelo adingekayo kodokotela bomndeni, lapho ababhalisi be-Family Medicine badinga ukuwathola ngesikhathi sokuqeqeshwa kwabo kanye namakhono engeziwe ahlobene nokusebenza komndeni ngezindlela ezahlukene. Ibalulekile futhi nakwabanye odokotela abasebenza ezinsizeni zezempilo zesifunda, njengezikhulu zezokwelapha, odokotela abavamile, abahlengikazi kanye nabasebenzisana nabo emitholampilo ekunakekelweni kwezempilo okuyisisekelo nasezindaweni zezibhedlela zesifunda.
Kumqingo wesine, kufakwe izahluko ezintsha, kubalwa kuzo umlando okukhona kuwo umlando wezempilo zocansi, ukuhlolwa ngohlelo lwe-ultrasound, ukulekelela abantu abaphila nokukhubazeka, kanye nokweluleka kanye nokulekelela ngokuqeqesha abafundi bezokwelapha, abaqeqeshelwa umsebenzi kanye nodokotela abasaqeqeshwa.
Uthe: ‘Incwadi iyinsiza ebalulekile ekwelashweni kwansukuzonke kanye nakulabo ababhalisele ukufunda iziqu zabo zokuqala kanye nezilandela ezokuqala. Ithinta amakhono adingwa abafundi usuku nosuku kanye nabasemkhakheni wokwelapha e-Afrika eseNinginzimu asebebhale izahluko ezibalulekile ezinengqikithi yase-Afrika. Iyinkomba engumhlanhlandlela efundeka kalula kubelaphi futhi ibalulekile kakhulu kulabo abenza umsebenzi wokuhlinza ohlukene ngenxa yokuthi ukusebenzisa le nsiza kugqugquzela ezokuphepha kwesiguli. Abafundi kumele bayifunde le ncwadi yemigomo bese benza amakhono elabhorethri yamakhono begadwe abafunda nabo noma ungcweti. Umbono kanye nolwazi ngomsebenzi owenzile kungamasu alusizo ukuzikhulisa nokuzithuthukisa.
‘Incwadi yamasu ithinta amakhono emikhakha eyehlukene, kubalwa ezokwelapha zangaphakathi, ukwelashwa kwezingane, ukuhlinzwa, ukubelethisa kanye nezifo zabesifazane, izifo zezinzwa, izifo zamathambo, izifo zengqondo kanye nolwazi ngokuhlinzwa kubalwa nezifo ezithinta indlebe, ikhala kanye nomphimbo, i-ENT kanye nokuhlolwa nokwelashwa kwezifo ezithinta amehlo. ‘Ibuye ihlinzeke nolwazi oluthile ngokuthathwa komlando ezimeni ezehlukene kanye nasekululekweni, iyanconywa kwabenza iziqu zokuqala zobudokotela kanti kuzolekelela ukwenza ngcono umsebenzi wokuhlola nokunika usizo olusezingeni kanye nokusebenza ezivivinyweni zobudokotela.’
UDkt Vesagan Deenadayalu, udokotela womphakathi esikhungweni sezempilo iNdwedwe Commuity Health centre, naye uphawulile ngokomsebenzi wakhe ekhomba yona incwadi yemigomo. ‘Ushintsho oluphakathi kokuqeqeshelwa umsebenzi kanye nokusebenzela umphakathi ludala ukwesaba kwabaningi. Kuyisikhathi lapho sisebenzisa amakhono okwelapha kanye namagugu esiwafunde ngesikhathi siqeqeshelwa umsebenzi ukuzihola kanye nokuphatha iziguli ezindaweni ezinezinsiza ezingenele, ikakhulukazi ngaphandle kobuholi bomuntu osezingeni eliphezulu. Ukuba ne-SAFPM kusiza ukuhola abelaphi ngendlela eqonde ngqo emsebenzini wansuku zonke kusuka kwezempilo zabesifazane kuya kwezokwelapha kanye nokuhlinzwa okuphuthumayo. Kunginike ikhono lokwandisa ulwazi lwami lomsebenzi kanye nokuzicija ngokuzethemba ekwenzeni izinhlelo zokwelapha okubalwa ukuqhumbuza amathumba kanye nokunciphisa izehlakalo zokuphuka. Enye yezinto ezibalulekile ezisizayo kulencwadi yemigomo ukuvumela abafundela ukwelapha ukuthi bayisebenzise empilweni yabo yomsebenzi kusuka besasesikoleni sokufundela ukwelapha, ukuqeqeshelwa umsebenzi kanye nokusebenzela umphakathi kuze kube bafinyelela esigabeni sokuba ngodokotela abasaqeqeshwa.
Ungaxhumana no-Raymond Selepe ku: RSelepe@vanschaiknet.com ngolunye ulwazi lokuthi ungayithola kanjani ikhophi yencwadi yemigomo.
Umbhalo: ngu-MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .U-“@Bronchigirl” Wase-UKZN Uthole Umklomelo Ohlonishwayo Emhlabeni NgoCwaningo Ngesifo Sesifuba Somoya
USolwazi Refiloe Masekela uthole umklomelo wokucwaninga i-National Institute for Health and Care Research (NIHR) Global Research Professorship.Click here for English version
Odume umhlaba wonke ngomsebenzi wakhe wesifo sesifuba somoya ezinganeni, uSolwazi wase-UKZN, uRefiloe Masekela (@bronchigirl), uklonyeliswe ngomklomelo ehlonishwayo wocwaningo lomhlaba woSolwazi wesiKhungo sikaZwelonke seZempilo kanye noKunakekela, i-National Institute for Health and Care Research (NIHR) Global Research Professorship award.
Umklomelo weNIHR okuwuhlelo lokuthuthukisa umsebenzi wocwaningo - obiza ngaphezu kwezigidi enzingama-45 zamarandi esikhathini esiyiminyaka emihlanu - uzoxhasa ucwaningo lokugwema ukuguliswa isifuba somoya ezinganeni zase-Afrika.
UMasekela, ongudokotela osiza izingane ezinenkinga yokuphefumula kanye nenhloko yezeMpilo zeZifo zeZingane kanye neZempilo zeZingane eNyuvesi, ungumcwaningi wokuqala ozinze ezweni labahola kancane noma phakathi nendawo kanye nomuntu wokuqala wesifazane omnyama ukuthola lo mklomelo.
Ucwaningo lwakhe luhlose ukwenza ngcono ukutholakala kokunakekelwa okusheshayo futhi okungambi eqolo lwesifo sesifuba somoya ezinganeni zase-Afrika. ‘Isifo sesifuba somoya sithikameza ingane eyodwa kweziyishumi emhlabeni kanti siyisifo esijwayelekile esinomthelela wesikhathi eside kwezempilo futhi esidinga ukunakekelwa isikhathi eside, inon-communicable disease (NCD) ezinganeni nakubantu abasha,’ kusho uMasekela. Ngebhadi, e-Afrika isifo sesifuba somoya asinakiwe, izingane zinezimpawu ezibucayo sazo. Ukungatholakali ngokwanele kwezinsiza zokuhlonza isifo sesifuba somoya kanye nemishanguzo esezingeni futhi engabizi kuvula isikhala ekunakekelweni kwesifo sesifuba somoya.
Umklomelo uzoxhasa abafundela ubudokotela ekunakekeleni kanye nasekwelapheni kanye nasocwaningweni lwezomnotho wezempilo kanye nokuthuthukiswa kwesikhungo sokugcinwa kolwazi ngokulashwa kwezifo zamaphaphu kubantu base-Afrika abahlala kulelizwekazi nakwamanye amazwe, i-Pan African respiratory NCD repository. ‘Ngihlose ukusungula indawo enemishini yokucwaninga ngesifo sesifuba somoya ukuthola iqoqo labantu kanye nobungozi obungaholela kwimiphumela engemihle ebandakanya isifo sesifuba somoya emazweni amathathu ase-Afrika kusetshenziswa izindlela zokugcina ulwazi. Lizophinde lenze ucwaningo oluhlola ukunakekelwa kwanye nokwelashwa kanye nezindlela ezingambi eqolo ezizosiza ukunciphisa ubungozi obungaholela ekushoneni kwabantu kuya ekuphathweni kwesifo sesifuba somoya ezinganeni nakubantu abasha eNingizimu Afrika. Inhloso yami enkulu ukuthi zonke izingane kanye nabantu abasha abanesifo sesifuba somoya e-Afrika bafinyelela ngokulinganayo ekunakelelekweni okusebenzayo futhi okungambi eqolo.’ kusho yena.
UMasekela usebambe izikhundla ezehlukene zokuhola ezinhlanganweni zezifo sesifuba kuleli kanye nasemazweni angaphandle kubalwa ukuba iPhini likaSihlalo we-Pan African Thoracic Society (PATS) lapho ingxenye yomsebenzi kungukuqhakambisa izindaba ezithinta ezempilo zamaphaphu e-Afrika kanye nokuhlahla indlela yemigomo emazweni ehlukene ezwenikazi.
UMasekela njengamanje unguMqondisi weNhlangano yeZifo Zofuba eMelika, i-American Thoracic Society (ATS) Methods, emkhakheni wezempilo othinta ulawulwa kwezifo, Epidemiologic, ukwelashwa iClinical kanye nomsebenzi wokucwaninga i-Opearations Research (MECOR) ohlelweni lwase-Afrika nokuwuhlelo lwendlela yokwenza ucwaningo oluholwa inhlangano yezifo zesifuba emazweni ase-Afrika, iPan African Thoracic Society, ihlinzeka ngoqeqesho ngendlela okusetshenzwa ngayo kanye nocwaningo lokwelashwa kwezifo zamaphaphu kusuka kwabasaqeqeshelwa umsebenzi kulo lonke izwekazi lase-Afrika. Useqeqeshe abangu-45 abasuka emazweni angaphezu kwamazwe angu-20.
Uyilungu le-ATS Paediatric Global Health Group, nge-PATS MECOR wasungula uhlelo lokufundisa ngokucwaninga kwabesifazane lwabesifazane base-Afrika.
UMasekela uthe: ‘Lolu cwaningo lomhlaba oluhlonishwayo losolwazi luzonginika ingxathu lokushintsha emsebenzini wami, lungisungule njengomholi womhlaba wezokucwaninga. Njengowesifazane wokuqala omnyama wase-Afrika ukuthola lo mklomelo, ngizizwa ngithobekile futhi ngijabule. Ngihlabeke umxhwele ikakhulu ngoba lo mklomelo woSolwazi uhlanganisa noxhaso lweziqu zePhD ezinhlelwenzi zombili, ezokwelapha kanye nomnotho wezempilo kanye noxhaso lokwelekelela ithimba lethu lonke. Lokhu kusisiza ukuqinisa umthamo wocwaningo engxenyeni ngokomlando ebingenazo izinsiza
Umbhalo: ngu-MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .