Izifundiswa Zethule Ucwaningo eNgqungqutheleni Yokuguquka KoMhlaba Kuzwelonke
Izifundiswa ezingosanhlalakahle (kusuka kwesobunxele): UMnuz Bongane Mzinyane, uDkt Thembelihle Makhanya, kanye noDkt Mbongeni Sithole.Click here for English version
Izifundiswa zophiko lwezenhlalakahle e-UKZN uMnuz Bongane Mzinyane, uDkt Thembelihle Makhanya kanye noDkt Mbongeni Sithole bathule amaphepha kwingqunguthela yesihlanu yokushintsha komhlaba kuzwelonke - i-National Global Change Conference ebiseNyuvesi yase-Free State.
Indikimba yalengqungquthela ibithi: Ucwaningo kanye nokuSungulwa Kwezinto Ezintsha Ukusheshisa Izinguquko Ezizosimamisa Umhlaba (Research and Innovation Accelerating Transformations to Global Sustainability).
UMakhanya noMzinyane bethule ngokubambisana ucwaningo olusihloko sithi: Mazibuyele Emasisweni: Ukugcina Ukusimama Kokuziphilisa ngoBuntu (Maintaining Sustainable Livelihoods Through Ubuntu Philosophy), ngaphansi kwendikimba yokuQinisela kwamaDolobha kanye neMiphakathi.
Ucwaningo lwabo lugxile ekuguqugukeni kwesimo sezulu kanye nengqinamba jikelele ethinta wonke amazwe, umphakathi kanye nomuntu ngamunye, kanti babe nesiphakamiso zokuthi kunesidingo sokubambisana ngokuhlanganyela nangokubonisana kuyo yonke imiphakathi. ‘Umphakathi uwonke wase-Afrika ubukhishwa inyumbazane ngendlela ehlelekile engxoxweni ngokuguquguquka kwesimo sezulu nebonakala kuyisihloko esithinta izicukuthwane futhi ebibuswa ukubaluleka kwamazwe aseNtshonalanga. Lokhu kuqhamuka emlandweni yemigomo yokusebenzisa amandla obukoloni kanye nobukloni ibiza ukuthi kukhululwe ababecindezelwe ngobukoloni,’ kusho uMzinyane.
Lezi zifundiswa ezintathu zikhulume ngokuthi: Azibuyele Emasisweni okuchaza ukuthi “asibuyele ezimpandeni zethu”. UMakhanya uthe: ‘Ukubuyela emasisweni, kulengxoxo ngokuguquguquka kwesimo sezulu, kuchaza ukwazisa ukukhalipha kwamasiko kanye nobugugu bawo wonke umuntu kubalwa malabo abasemazingeni aphansi. Ubuntu kumele kwamukelwe.’ Banxuse ukuba kuhlanganiswe futhi kube nokusebenzisana okubonakalayo kwezinhlaka ezehlukene endabeni yokuguquguquka kwesimo sezulu, kuhlanganisa nabantu base-Afrika kanye namagugu abo emvelo afana noBuntu .
Iphepha lokwazisa lezethulo zikaSithole beligxile kwibhizinisi lezenhlalakahle njengohlelo lokubhekana nombono wezixazululo zase-Afrika ezinkingeni zase-Afrika. Lolu cwaningo lwethulwe ngaphansi kwendikimba ethi: Amabhizinisi Azijwayeza Ushintsho Lomhlaba - Bisu Adaptation to Global Change, lapho kudingidwe ngohlelo lwezomnotho olumbaxambili.
‘Ngakolunye uhlangothi, kunamabhizinisi, amabhizinisi enza inzuzo, achazwa njengaqhutshwa inzuzo kanti kolunye uhlangothi, kunamabhizinisi angenzi nzuzo agqamisa ukubhekelela abaswele,’ kusho uSithole.
‘Ngokwehluka kwibhizinisi elijwayelekile, ibhizinisi lezenhlalakahle libukeka lisimama, liqhutshwa amagugu, uhlelo lwezomnotho olushoshela phakathi nendawo oluxuba futhi olungena emandleni alezi zindlela zombili.’
Ucwaningo lwakhe luyaqhubeka ngokucubungula amathuba kwezamabhizinisi ezenhlalakahle abheka ukulinganisa izimiso zebhizinisi kanye nokusimamisa inhlalakahle yomphakathi.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .Ofundisa Ukuhlelwa KwamaDolobha Ekomidini Lososayensi be-ISOCARP
USolwazi Hangwelani Magidimisha-Chipungu.Click here for English version
Uqweqwe lomfundisi wokuHlelwa kwamaDolobha obuye abe nguSihlalo we-SARChI ohlelweni Lwenhlalo Egxube emadolobheni uSolwazi Hangwelani Magidimisha-Chipungu uqokwe ukuthi abe yingxenye yeKomidi lezeSayensi enhlanganweni i-International Society of City and Regional Planners (ISOCARP).
Leli komidi leluleka ngezinto zokuhlela ngobuchwepheshe obuphezulu ‘ngobungcweti kanye nobuqotho bezemfundo kanye nekhono’. Amalungu ahlinzeka ngemibono enzulu ukubumba uhlelo lokusebenza oluhambisa phambili ukwenza futhi olunenqubekelaphambili, oluhlinzeka ngocwaningo oluthathelwe kubufakazi ukuze inhlangano ikwazi ukuba nezethulo kwinkulumompikiswane yamazwe omhlaba, futhi ukuqinisekisa ukuthi i-ISOCARP ihlala ihamba phambili ekuhleleni, ukucabanga kanye nokwenza.
Amalungu ekomidi ahlala iminyaka emithathu.
UMagidimisha-Chipungu ukholwa ukuthi izethulo kanye nokuhlanganela kwawo wonke umuntu kubalulekile njengoba kusabalalisa konke akwenzayo njengosihlalo weSARChI emadolobheni ahlalisa abantu ngokuxubile. ‘Ukuba yingxenye yekomidi lezesayensi kuphoqa ukuthi nginikele ngesikhathi, ulwazi kanye namakhono. Impela kungumsebenzi onzima, kodwa uma ucabanga ukuthi awumele kuphela isikhungo sakho noma izwe kodwa izwekazi lase-Afrika ukuqinisekisa ukukhula kwamadoloba okusimeme, kanye nekusasa eliphumelele lamadolobha - nokuyinto esinentshisekelo yayo - kungaphezu konklomelo. Ayikho indawo engcono ukuthi nginikele okwedlula kunaleli komidi.’
Ukubona ‘kuyisipiliyoni esinomfutho ukusebenza nongcweti abehlukene emikhakheni yabo abaqhamuka emhlabeni wonke futhi babelana ngolwazi, amakhono kanye nobungcweti. Ukuba yingxenye yeKomidi loSosayensi be-ISOCARP kungilethela inhlonipho enkulu. Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke kuleli thuba futhi ngeyethemba ukuthi ngesikhathi sami ngizokwazi ukuphosa esivivaneni ngendlela eseqophelweni engilaziyo.’
UMagidimisha-Chipungu unguKhomishana wezokuHlela kuZwelonke owaqokwa nguMengameli waseNingizimu Afrika kanti ungumcwaningi okleliswe yinhlangano yabacwaningi kuzwelonke, iNational Research Foundation (NRF).
Ubuye waba ngukhomishana wokuhlelwa kwedlolobha kuMasipala weTheku enomsebenzi wokululeka ngamasu isigungu sekomidi kanye namakhansela futhi wayekwiKomidi lezoKweluleka eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana kanye neZindaba zoMdabu, lapho ayeluleka ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natali ukulingana kwezindawo.
Waqokelwa ukuba umklomelo wokucwaninga weSekela likaShansela e-UKZN, wabuye wamenyezelwa njengomunye wabafinyelele kowamanqamu emncintiswaneni Mail & Guardian’s 2022 wabesifazane abanamandla ngaphansi komunxa wabesifazan ababusayo, i-The Governing Woman.
Ezingeni lomhlaba, uMagidimisha-Chipungu ube yingxenye ye-ISOCARP yokuqondisa ngokubambisana umhlangano wayo wokuqala wabasemkhakheni wokuhlela abasebancane, iYoung Professional Planners (YPP) eNingizimu Afrika ngowezi-2016, futhi wahlonishwa ngokuba ngowesifazane onomthelela kakhulu kwiphephabhuku lase-United Kingdom i-The Planner ngaphansi kwesikhungo sabahleli bamadolobha, i-Royal Institute of Town Planners.
Waklonyeliswa ngobulungu be-ISOCORP BRONZE - okwakungokokuqala e-Afrika - ngeqhaza lakhe elivelele ngesikhathi se-ISOCARP ka-57 neka 58 eDoha.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .Kuqokwe Umphathi weFestivali Yababhali Bezincwadi Omusha
UNksz Sibahle Khwela, umphathi omusha wefestivali yababhali, i-Time of the Writer.Click here for English versionNgesikhathi uNksz Sibahle Khwela ezoqala ukuqeqeshelwa umsebenzini wokusingatha ezobuciko, i-arts administration internship, esikhungweni samaCiko, i-Centre for Creative Arts (i-CCA) eseKolishi lezaBantu e-UKZN, wayengazi ukuthi uzoxhumana nenqwaba yababhali bezincwadi abangaphezu kuka-100 abaqokelwe ukuthi babe yingxenye yeFestivali yalo nyaka yababhali bezincwadi i-Time of the Write Festival (16-21 Ndasa) eThekwini.
UKhwela othweswe iziqu waphasa ngamalengiso ngo-cum laude ngesikhathi enza iziqu zokuqala ezifundweni ze-Drama ne-Perfomance e-Durban University of Technology, uzofundiswa uMqondisi we-CCA uDkt Ismail Mahomed kanye nomphathi osemdala wesikhungo nomphathi we-Poetry Africa uNksz Siphindile Hlongwa abanolwazi olunzulu ekuhlelweni kwefestivali, ukuphathwa kanye nabaholi bamasiko.
‘USibahle ungomunye wabantu abangajwayelekile abafika ohlelweni lokuqeqeshelwa umsebenzi bese kuthi emavikini ayisithupha, bathathe iprojeckthi bayenze eyabo ngokugcwele,’ kusho u-Mahomed. ‘Ukhombisa isimilo esinamandla sokusebenza, ukusebenza ngobugcweti kanye nokukwazi ukwenza izinto ezehlukene. Sijabule ukumemezela ukuthi siyaselula isikhathi sokuqweqeshelwa kwakhe umsebenzi kuze kube uNdasa 2023 ukuze akwazi ukwenza umsebenzi wokuphatha ifestivali yezingama-26 ye-Time of the Writer.
UHlongwa uthe: 'Kunegebe elikhulu labaphathi befestivali labesifazane abamnyama eNingizimu Afrika. Siyakholwa ukuthi ngokulula isikhathi sokuqeqeshelwa kwakhe umsebenzi kanye nokumnika ithuba lokuhola kanye nokuphatha le festivali yezangama-26, sizobe senze umehluko omkhulu wokuvula amathuba kubantu besifazane abamnyama eNingizimu Afrika ukuthi bathathe imisebenzi yokuphatha amafestivali.’
Ekhuluma ngokuphatha kwakhe, uKhwela uthe: ‘Leli ithuba lokuthi ngilandele into enginentshisekelo ngayo ekuphatheni ifestivali futhi ngiqale umsebsenzi wami emkhakheni wezobuCiko. Ngizogcwalisa isikhala esikhona sabaphathi bamafestivali besifazane abamnyama kulo mkhakha futhi ngenze umehluko ngomsebenzi engizowukhiqiza. Ngilindele ukuthi ngikhule futhi ngobambe konke engingakubamba kulo mkhakha omusha wokuphatha ifestivali. Ngihlela ukuthi ngibe ngumphathi ongcono wefestivali kunalo engifike nginguye futhi ngizinike inselela futhi ngithathe izinselelo.’
UKhwela wathola umklomelo kaMphathi wase-DUT ngowezi-2020 futhi wathola imiklomelo engu-11 ngesikhathi esafunda. Eminye imiklomelo kubalwa wokuba umafikizolo ovelele i-Best Newcomer 2018, owokuhola i-Leadership Award 2019 kanye nowokwenza izinto ezehlukene, i-Versatility Award 2020.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .Uthisha Osemnkantshubomvu Unqobe Umklomelo Wothisha Abasezingeni Eliphezulu wakwa-CIMA
Onqobe umklomelo wokufundisa ngokusezingeni eliphezulu wakwa-CIMA, uDkt Patricia Shewell.Click here for English versionUmfundisi kanye nomholi wezifundiswa ophikweni lwezokuFundisa nokuFunda esikoleni sezokuBalwa kweZimali, Ezomnotho kanye nezeziMali, i-School of Accounting, Economics and Finance (i-SAEF), uDkt Patricia Shewell uklonyeliswe ngendondo yowezi-2022, yenhlangano yokufundisa ngokuphathwa kwezimali, i-Chartered Institute of Management Accountants (i-CIMA) Teaching Excellence.
Uhlonishwe muva nje emcimbini wemiklomelo obubanjwe nge-inthanethi wehlandla lesithathu kasoseshini wabaphathi bezimali abaqinisekisiwe bomhlaba, i-International Certified Professional Accountants (AIPA) and CIMA Ecxellence Awards.
I-CIMA uhlaka longcweti bokuphathwa kwezimali olusebenza eduze nabasebenzi kanye nabaxhasi ocwaningweni olubalulekile. Ingumklomelo womhlaba waminyaka yonke okhumbula izikhungo zemfundo kanye nabantu emhlabeni jikelele abasebenza ngokuzikhandla ukweseka abafundela lomkhakha ukuthi babe ngama-Chartered Global Management Accountants (i-CGMA) futhi babumbe ikusasa labaphathi bezimali bomhlaba kanye nabasebenza emkhakheni wezimali.
U-Shewell, onguMphathi weziNhlelo weziqu zokuthengisa ekuphathweni kwezimali, i-Bachelor of Commerce Honours Management Accounting, futhi osebe kwi-SAEF iminyaka engaphezu kwengama-14, uthe umklomelo i-CIMA Teaching Excellence Award ukhumbula umfundisi wesifundo okhombise ukubambisana okuseqophelweni eliphezulu nabafundi futhi obasize ngendlela ebonakalayo ukuze athuthukise ukuqonda kwabo isifundo esifundiswayo.
‘Sinegunya lalolu hlelo lakwa-CIMA. Ukukhumbula abafundisi abaseqophelweni eliphezulu ohlelweni kubalulekile ukugcina ubudlelwane esinabo siyiNyuvesi ne-CIMA, futhi sigcine ukugunyazwa kwethu ukuze kuzuzise abafundi bethu,’usho kanje.
U-Shewell ungungoti osathuthuka ekushitsheni indima yezimali kanye nokuphathwa kwezimali ebhinizinisini kanye nokulinganisa ukusebenza kanti futhi unemiqingo yocwaningo eshicilelwe egxile emsebenzini wezimali emabhizinisini.
‘Isikhungo sihlale njalo sibuyekeza ikhono lokusebnza, kanye nokucabangela imibono yamabhizinisi, amalungu alomkhakha aneziqu, kanye nezifundiswa. Ubudlelwane obuhle ne-CIMA, ngakho ke buyindlela eqinisekisa ukuthi uhlelo lwethu luhlale njalo luhambisana nesikhathi nokuthuthuka kwakamuva emhlabeni,’ usho kanje.
I-UKZN ithole ukuhlonishwa ngalolu hlelo yanqoba indondo i-CGMA Regional Silver (Africa) Campus Award yowezi-2022 futhi bamukelwa ngaphansi komklomelo wabalingani bezemfundo i-CIMA Academic Partner Excellence Award ngesibalo esiphezulu zesivivinyo zakwa-CIMA esikhathini esingaphezu kwezinyanga ezingu-12 ikhempasi yasenyuvesi ngayinye e-Afrika ngezinga lokuphasa elingaphezu kwelilindelekile esifundeni.
INhloko yeSikole uSolwazi Mabutho Sibanda uthe: ‘Siyambongela uDkt Shewell ngokuhola uhlelo kanye nokunqoba indondo yomhlaba. Kuzo zonke izifundiswa ezifundisa ohlelweni kanye nabasebenzi kwezokuphatha - siyabonga ngokundizisela ifulegi lase-UKZN phezulu!’
Amagama: ngu-Samukelisiwe Cele
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .Umklomelo Wocwaningo Lwezigidi zamaRandi Ngocwaningo Olusezingeni Eliphezulu Nge-HIV
Kusuka kwesobunxele: Ososayensi base-UKZN uSolwazi Frank Tanser, uSolwazi Henry Mwambi, noDkt Andrew Tomita.Click here for English version
Ososayensi beKolishi leSayensi yezeMpilo e-UKZN, i-College of Health Sciences (CHS) kanye neKolishi lezoLimo, ubuNjiniyela kanye neSayensi, i-College of Agriculture, Engineering and Science (CAES) - ngokubambisana nabacwaningi baseNyuvesi yase-Stellenbosch - baklonyeliswe ngesibonelelo esihlonishwayo sika-R40 million yinhlangano yezempilo, i-National Institute of Health (i-NIH) e-Unites States.
Isibonelelo i-NIH R01, ejwayele ukubekwa ‘ezingeni legolide’ ngokuxhasa ucwaningo olukhulu, izobhekelela ukuqalwa kophenyo lweminyaka emihlanu ukusungula kwendawo, okwesikhashana kanye noshintsho lwezibalo zabantu endleleni abantu abasha abatheleleka ngayo nge-HIV emuva kobhubhane i-COVID-19 bese kusungulwa imigomo emisha yokungenelela. Lolu cwaningo olwenziwe ngokubambisana luhlanganisa ososayensi base-UKZN, abaseNyuvesi yase-Stellenbosch, inhlangano yokucwaninga ngezempilo e-Afrika, i-Africa Health Research Institute (I-AHRI), iNyuvesi yase-Lincoln, iNyuvesi yase-Hieldeberg, iNyuvesi yase-Washington, iNyuvesi yase-New York, kanye neNyuvesi yase-Cincinnati.
Okungaphezu kwalokho, ithimba locwaningo luzolekelela abafundi base-UKZN abenza iziqu zobudokotela kanye neziqu ezilandela ezokuqala kwisayensi esezingeni eliphezulu ngesayensi yesibalo sabane-HIV ngokwazuzwa uxhaso lweminyaka eminye eyedlule lwe-NIH R01.
Umphenyi omkhulu wocwaningo uSolwazi Frank Tanser, ongungcweti wezifo ezithathelana ezingumashayabhuqe uSolwazi ohlonishwayo wase-UKZN, uSolwazi eSikoleni Sokuqoqwa kolwazi lwezeSayensi kanye nokuXazulula Izinkinga ezibukhuni nge-Khompyutha, i-School of Data Science and Computational Thinking eNyuvesi yase-Stellenbosch kanye nelungu elidala lophiko kwi-AHRI. Umphenyi wasendaweni uSolwazi Henry Mwambi weSikole seZibalo, neZibalo zokuqoqa nokucwaninga ulwazi kanye neSayensi yeKhompyutha. Bazohlanganyela noDkt Andrew Tomita weSikole saseNyuvesi sobuHlengikazi nezeMpilo zoMphakathi.
Ucwaningo olusihloko sithi: Ukushintsha kobuso beHIV ngesikhathi se-COVID-19 (The Changing Face of HIV in the Era of COVID-19), sihlose ukusungula ukushintsha kwezibalo zabantu ezindleleni ezintsha abantu abatheleleka ngayo nge-HIV ngesikhathi sobhubhane besebenzisa amandla ezibalo zeminyaka engu-20 edlule kubhekwa ulwazi lwezempilo oluqoqwe kubhekwa isibalo sabantu eNyakatho yesifundazwe saKwaZulu-Natal esingezinye esinabantu abaningi abane-HIV emhlabeni.
Ucwaningo luzokwenza isilinganiso loshintsho lomthwalo endaweni, lwesikhashana nolwezibalo zabantu ezigamekweni ze-HIV kanye nezindlela ezicashile lesilinganiso segciwane KwaZulu-Natal. Luzophinde luphenye ngoshintsho oludalwe ukutheleleka kabusha nge-HIV kubantu kulandela ushintsho kubhekwa uhlelo lwemishanguzo enciphisa igciwane emzimbeni (isibonelo, imishanguzo emisha engabizi eyenza ukuthi abantu babambelele ekwelashweni) kanye nokukhuphula izindlela ezintsha zokunqanda ukungenwa igciwane okubalwa imishanguzo ekuvikela engozini, i-pre-exposure prophylaxis.
Imiphumela yocwaningo ibalulekile ukusungula izinhlelo zokungenelela zangomusa okuzoba nomthelela omkhulu ekwehliseni izigameko zeHIV kubhekwa izidingo zabantu abasengcupheni okwenziwe ngabo ucwaningo ezindaweni ezisemakhaya. U-Tanser uthe: ‘Sijabule kakhulu futhi sizizwa sihloniphekile ukuthi siklonyeliswe ngalolu xhaso lwe-NIH. Lesi isimiso esimbali emhlabeni lapho singakwazi ukuqala ushintsho olunenqubekelaphambili emthwalweni wabantu abasha abatheleleka nge-HIV ngezinga eliphezulu lokushaya esikhonkosini. Sinethimba elihle kakhulu futhi nginethemba lokuthi imiphumela yalo msebenzi uzosivumela ukuthi sithathe imigomo yokuvikela iHIV siyibeke ezingeni elilandelayo futhi sigcine sesenza umehluko omkhulu kubantu bendawo abasasengcupheni kakhulu yokutheleleka yilesi sifo esibi.’
ISekela likaShansela eliyinhloko yeKolishi yeSayensi yezeMpilo uSolwazi Busisiwe Ncama uthe: Ngithanda ukuhalalisela uMphenyi Omkhulu, kanye nethimba lakhe lonke ngokuthola uxhaso lwe-NIH. Lo msebenzi ubalulekile ekusizeni izwe ukuthi liqonde izindlela zokutheleleka nge-HIV ezindaweni ezisemakhaya emuva kobhubhane lwe-COVID-19, ukuze sakhe izimpendula zakusasa ngezifo ezithathelana. Sinifisela okuhle kodwa njengoba seniqala umsebenzi wocwaningo olubalulekile.’
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Izithombe: Zithunyelwe
author : .author email : .