Owayengumfundi Weziqu ZobuDokotela e-UKZN Uklonyeliswe Ngendondo i-French National Order of Merit

Owayengumfundi Weziqu ZobuDokotela e-UKZN Uklonyeliswe Ngendondo i-<em>French National Order of Merit</em>
UDkt Fareed Abdullah uthole i-French Ordre National du Mérite.Click here for English version

Oneziqu zase-UKZN e-Nelson R Mandela School of Medicine (iklasi lowe-1987), u-Dkt Fareed Abdullah, uhlomule nge-French Ordre National du Mérite (National Order of Merit) ngenxa yomsebenzi wakhe njengoMcwaningi noSosayensi wezempilo ekulekeleleni ukulwa negciwane i-HIV kanye ne-TB.

Le ndondo ebizwa nge-The National Order of Merit, yethulwa ngonyaka we-1963, ikhishwa nguMengameli wase-France. U-Abdullah unguMqondisi ehhovisi le-AIDS ne-TB e-South African Medical Research Council, yize noma ebambe umsebenzi wesikhashana njenge- HIV Clinician e-Division of Infectious Diseases ese-Steve Biko Academic Hospital e-Pretoria.

Imisebenzi yakhe esezingeni eliphezulu ihlanganisa cishe amashumi amathathu eminyaka lapho ebe:

•    Yilungu le-Steve Biko Academic Hospital Outbreak Response Team wayesebenza njenge-Clinician emawodini e-COVID-19 futhi esiza kakhulu ekukhuliseni isikhwama esizolekelela ukuthengwa kwezinsizakusebenza ezidingeka kulolu bhubhane i-COVID-19;

•    NguMphathi Omkhulu Western Cape Health Department iminyaka eyi-12 ehola ithimba elalibhekelele ukwethula imishanguzo engama-ARV emphakathini;

•    NguMqondisi jikelele ezwenikazi i-Africa kwi-Global Fund nokuyiskhwama esibhekelele ukulwisana neNgculazi, i-TB kanye noMalaleveva kusukela ngowezi-2008 kuya kowezi-2011;

•    Waba ngu-Chief Executive Officer wase-South African National AIDS Council kusukela kowezi-2012 kuya kowezi-2017;

•    Waba ngu-Co-chair we-South African National TB Think Tank.

U-Abdullah usethole ukuhlonishwa nokutuswa kakhulu ngenxa yomsebenzi wakhe emithini yezempilo ezosiza umphakathi.

Ngo-1996, wahlomula nge-Oliver Tambo Fellow kwi-Public Health Leadership neyayibalula futhi iveza kakhulu ukuzibophezela kokuhola ikakhulukazi kwezokulethwa kwezinsiza kwezempilo emiphakathini nokuthi kuthuthukiswe ezempilo zawo wonke umuntu ohlala eNingizimu Afrika. Ngo-2004 wathola indodo ebizwa nge-Gift of life esuka kwi-Elizabeth Glazer Foundation ekubungazeni umsebenzi wakhe ayesewenzile emizamweni yokunciphisa ukuthelelana ngegciwane le ngculazi phakathi kukamama nengane eNingizimu Afrika. Ngowezi-2005, wathwesa iziqu zobuDokotela ngenxa yemisebenzi yakhe (Honrary Doctorate) yiNyuvesi yase Kapa ngenxa yegalelo lakhe kwezempilo yemiphakathi njengeNhloko yohlelo lwesifundazwe lwe-Antiretroviral Treatment.

Ephawula kabanzi ngakuhlomule kamuva-nje, u-Abdullah uthe: ‘Le ndondo ingegqamisa kakhulu ukusebenza ngokubambisana kwama-Clinicians, izifundiswa kanye nabo bonke ababambe iqhaza eminyakeni cishe engama-20 ekulwisaneni nomashayabhuqe i-HIV kanjalo nabo bonke abasebenzi bezempilo abebesebenza ngokuzikhandla ekulwisaneni nobhubhane lwekhovidi-19 eminyakeni emibili edlule.

Amagama:  ngu-MaryAnn Francis

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .

COVID-19 – Ngabe i-Wave Yesihlanu Iyasondela?

COVID-19 – Ngabe i-Wave Yesihlanu Iyasondela?
Ababambe iqhaza kwi-webinar (ngaphezulu kusuka kwesokunxele) uDkt Richard Lessells no Solwazi Mosa Moshabela, (ngezansi) uDkt Nokukhanya Msomi.Click here for English version

Umthelela wegciwane i-COVID-19 emphakathini waseNingizimu Afrika kanye nesibikezelo sekusasa laleli gciwane yikho obekuwumgogodla womhlangano oyi-webinar weKolishi Lezifundo Zezempilo.

Le ngxoxo - ebiholwa yiPhini leSekela-Shansela lwezoCwaningo eKolishi Lezifundo Zezempilo, uSolwazi Mosa Moshabela - yayigxile kakhulu endabeni yokubaluleka kwemigomo (vaccinations), ibheka kakhulu ubungozi bokuthelelana, ukwahlukahlukana kwama-waves obhubhane, ukuqinisekisa ukuthi baningi abantu abagomele ubhubhane kanye nokufunda ukuphila esikhathini sobhubhane.

UDkt Richard Lessells, uNgoti wocwaningo lwezifo ezithelelanayo e-KwaZulu-Natal Research and Innovation Sequencing Platform (i-KRISP) e-UKZN kanye nasebenzisana naye oyi- honorary research associate esikhungweni i-Centre for the AIDS Programme of Research in South Africa (CAPRISA), uthe: ‘Sibonile ama-waves angaphambili eza namavariyenti ahlukahlukene, ngakho-ke kunzima ukuqagula kulesi sigaba ukuthi i-variyenti elandelayo kuzoba yini kodwa singalindela i-wave yesihlanu'.

U-Lessells uqhubeke wachaza ngokubaluleka kokuba umuntu agome ngokuphelele ukuze avimbe omonakalo wokugula kakhulu uma esetheleleke ngegciwane lekhorona. ‘Ngebhadi limbe abantu abadala abaseminyakeni cishe engama-50 nangaphezulu abasebungozini bokulala esibhedlela kokunye kube ngukufa yilabo abangakathathi umjovo wabo wokuqala womgomo. Uma sehlela emaqenjini eminyaka siya kwabancane, isibalo sabagomile siya ngokuya sincipha impela. Kuze kube manje, bangaphansi kwesigidi abantu abathathe i-booster vaccine.’

Ngokuka-Lessells, noma ngabe i-wave yesine isiphelile eNingizimu Afrika futhi nezinga lokuthelelana libukeka lehlile kodwa akukakabi isikhathi sokubeka igazi phansi nokuthi kuyekwe ukulandela imigomo ejwayelekile njengoku-sanitiser, ukugqoka isimfonyo ezindaweni ezivalelekile nokuma ngokuqhelelelana. Leli gciwane lisekanye nathi kodwa esigabeni esahlukile. Sidinga ukucabangela uhlelo lwezempilo lwesikhathi eside kodwa okwamanje ukuvikela abantu ebungozini yikona okumele kuhambe phambili. Ukulandela imiyalelo kuhle kodwa ukubuyela ekulandeleni imigomo ejwayelekile yikona okuzosiza ukuvikela ukuthelelana.’

Oyi-Clinical Virologist kanye neNhloko yoMnyango e-UKZN Discipline of Virology nase-KZN National Health Laboratory Service uDkt Nokukhanya Msomi utshele izethameli ukuthi amasosha omzimba ehlisa ubungozi bokutheleleka bese kuthi ama-T-cells wona adlala indima ebalulekile ekulawuleni igciwane.‘Sidinga ukuba nawo wonke amazinga okuvikeleka,’ kuphawula uMsomi. ‘Amasosha omzimba aphelelwa amandla ekuhambeni kwesikhathi ngakho –ke isivikelo esisodwa asanele. Imigomo elandeliswa nge-booster efanele yengenza ukuvikeleka. Umgomo unciphisa amathuba okuthola i-COVID-19.’

Uphawule wathi okwamanje uhlelo lwezempilo lokugoma abantwana abaneminyaka ephakathi kuka 5-11 belungabalulekile kangako.

UMsomi wengeze inkulumo yakhe wathi kusabalulekile ukuhlola labo abakhombisa izimpawu kanye nalabo abekade behlangene nabo ezindaweni zemihlangano. ‘Igciwane aliyi ndawo. Kumele siqinise kwezokuvikela.’

Izikhulumi zihlongoza indaba ye-wave yesihlanu ye-COVID-19 engaqala ngoMbasa noma ngoNhlaba, okungenzeka ukuthi iza nevariyenti entsha, kodwa kunomuzwa wokuthi kungaba yinto encance, uqhubeke wathi konke kuncike ekutheni ivariyenti entsha iyini. ‘Okwamanje, kusobala ukuthi igciwane lisakhona ngakho-ke kubalulekile ukugcina imigomo yokuzivikela.’

I-webinar iyatholakala la: https://www.youtube.com/watch?v=HcGmJRkL-Oc.

Amagama: ngu- MaryAnn Francis

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .

I-UKZN Ihlanganyele noHulumeni Ohlelweni Lokuqeqeshela Amakhono Nokwakha Amathuba Emisebenzi

I-UKZN Ihlanganyele noHulumeni Ohlelweni Lokuqeqeshela Amakhono Nokwakha Amathuba Emisebenzi
Amazwibela okwethulwa kwephrojekthi i-UIF LAP.Click here for English version

I-UKZN kanye noHulumeni waseNingizimu Afrika bahlanganyele ohlelweni oluzoqeqesha labo abangasebenzi bese bebanika amathuba emisebenzi emkhakheni wezobuchwepheshe kweze-fibre optics, oNgoti kwezokuphathwa kokudla (food handling) kanye nasemikhakheni ehlukahlukene yezolimo.

Lolu hlelo lwathulwa ngulowo onguNgqongqoshe kazwelonke womnyango weZabasebenzi uMnu Thulas Nxesi e-UKZN innovation centre.

Lesi sivumelwano sokusebenza ngokubambisana siphakathi kwe-Fuze Institute for Humanitarian Praxis engaphansi kwekolishi lezesiNtu e-UKZN, uMnyango weZabasebenzi kanye nasesibonelelweni sabaphelelwe ngumsebenzi nesaziwa ngele-Unemployment Insuarance fund (UIF).

I-UIF, ngohlelo lwayo olubizwa nge-Labour Activation Programmes (LAP), isibeke eceleni izigidi ezingama-551 zamarandi ukuhlelela lolu hlelo lokuqeqesha amakhono oluhlukene ngemikhakha emithathu, kanjalo nokwakhiwa kwamathuba emisebenzi ethinta cishe abantu abayi-20 000 - amaphesenti angamashumi ayisikhombisa (70%) alabo bantu, abantu ababethela kwi-UIF kodwa ngokuhamba kwesikhathi balahlekelwa ngumsebenzi. Babalelwa cishe ezinkulungwaneni ezili-14 771 abazothola ukuqeqeshwa ukuba oNgoti kwezokuphathwa kokudla, babe yi-5000 abazongena kweZolimo ezahlukahlukene bese beba yi-150 abazongena kwezobuchwepheshe be-Fibre Optics.

UNkk Thandi Ngcobo, nongumphathi waseFuze Institute ubeke kanje: ‘laba abayizinkulungwane ezili-14 771 abaqeqeshwa kwezokuphathwa kokudla bazoqashwa nguMnyango weZemfundo esifundazweni saKwaZulu-Natal uma sebeqedile ukuqeqeshwa. UMnyango weZokuthuthukiwa Komnotho, eZokuvakasha kanye neZemvelo esifundazweni saKwaZulu-Natal wona wenze isethembiso sokulekelela labo abayi-5000 abazongena kweZolimo ngokubathengela yonke imikhiqizo abazoyidinga. I-Intermediate Data Systems yona iziphophezele ekuqasheni laba abayi-150 abazoba oChwepheshe kweze-Fibre Optics.’

Labo abazobe beqeqeshwa bazothola isibonelelo.

UNxesi uthe: ‘siyalahleka isithunzi uma ungasebenzi.’ ‘Ngaphandle nje kobhubhane oluze noguquko oluningi oluphazamise kakhulu ezomnotho, thina njengoHulumeni siyakholelwa ekutheni kumele senze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abantu banemisebenzi noma banawo amakhono okuziphilisa nokuvuselela kakhulu uthando lokuba osomabhizinisi.’

‘Ngaphandle nje kokuthi uMnyango unomyalo wokwakha amathuba emisebenzi, siyanxusa embonini ezimele nabo bonke abangakwazi ukubamba iqhaza ukuba babambisane nathi ukunciphisa kanye nokuqeda ukungasebenzi kwabantu ezweni lethu ngoba ukubambisana kungasilekelela kakhulu ekwakheni amathuba emisebenzi. Ngakho-ke, lonke uhlelo lwe-UIF kumele luxhumane kakhulu nokwakhiwa kwamathuba emisebenzi ngoba asifuni ukubona abafundi behleliemakhaya emva kokuqeqeshwa.’ kuphawula uNxesi.

UMqondisi jikelele koweZabasebenzi uMnu Thobile Lamati uthe uMnyango uzibophezele ekudlaleni indima yawo ekwakheni amathuba emisebenzi. ‘Sikhathazeke kakhulu ngokukhula kwesibalo sabantu abangasebenzi ezweni lethu. Siyathembisa ukudlala indima yethu kuwo wonke amaphrojekthi alolu hlobo afaka ukwakheka kwamathuba emisebenzi, ikakhulukazi uma efaka abantu abasha. Kulabo ababambe iqhaza ekuqeqeshweni, Ngiyanicela ukuba ningadlali ngethuba lalolu hlobo ngoba lufika kanye emva kwesikhathi eside,’ kuphawula uLamati

IPhini leSekela-Shansela nophinde abe yiNhloko yeKolishi lezesiNtu, uSolwazi Nhlanhla Mkhize, uthe ubhubhane ludale ukunyuka kwesibalo sabantu abasha abangasebenzi. ‘Lolu hlelo lokwakha amathuba emisebenzi siyalwamukela kakhulu. Abantu abasha banikwa ithuba lokuthuthukisa amakhono abo kwezamabhizinisi. Sizoyisekela lephrojekthi.’

Omunye wabahlomule kulolu hlelo lwe-UIF uMnu Bayanda Zaca wayengumsebenzi wasenkontilakini ngaphambilini. ‘Namhlanje ngiyi-Head Chef kwenye yezindawo zokudlela esezingeni eliphezulu eThekwini emva kokuqeqeshwa. Ngiphinda ngilekelele abasaqeqeshwa esikhungweni se-food-processing esiseNdwedwe. Ngibonga angiphezi kwi phrojekthi ye-UIF eyashintsa impilo yami,’ kusho uZaca.

UNkk Lethabo Tsonope, ongomunye walabo ababexhaswe yi-UIF, usenguMshayeli wamabhanoyi (commercial pilot) kwa-FlySafair, ushayela i-Boeing 783-800. ‘Angikaze ngicabange ukuthi ngingaba umshayeli webhanoyi ngoba kuyabiza ukuyiqeqeshela. Ngiyakuthokozela ukuba la ngikhona namhlanje bese ngicela wonke amantombazane asemancane ukuba abeke uNkulunkulu phambili ukuze aphumelele.’

Amagama: ngu-Melissa Mungroo

Isithombe: UIF Twitter


author : .
author email : .

Owenza I-PhD Kwi-Astrophysics Ukhethwe Waba Omunye Wabazohlomula Kwi-Prestigious International PhD Programme

Owenza I-PhD Kwi-Astrophysics Ukhethwe Waba Omunye Wabazohlomula Kwi-Prestigious International PhD Programme
UMnu Brandon Bisschoff uqokwe njengomunye wabazobamba iqhaza kuhlelo lwe-“100 PhDs for Africa”.Click here for English version

Owenza i-PhD kwi-Astrophysicse-UKZN Astrophysics Research Centre (ARC) uMnu Brandon Bisschoff ungomunye kwabalishumi ezwenikazi i-Afrika wabaqokiwe ukuba babe yingxwenye yohlelo lwe-“100 PhD’s for Africa” olwenziwa nge- École polytechnique fédérale de Lausanne (EPFL) e-Switzerland.

Lolu hlelo luyingxenye ye-EPFL’s Excellence in Africa (EXAF) nokuyisikhungo socwaningo esaqalwa kanye ne- Université Mohammed VI Polytechnique (UM6P) e-Morocco ukuthuthukisa ucwaningo, ukuqeqeshwa kanye nokugqugquzela ushintsho e-Afrika.

Lolu hlelo lwe-EXAF, luqhuba phambili imigomo emithathu yalesi sikhungo, nokuwukulekelela labo abenza iziqu zobuDokotela (PhD) ababhalise futhi abagadwe ezikhungweni zemfundo ephakeme ezise-Afrika ngokuthi babanikeze uxhaso lwezimali lokuqhuba izifundo zabo, baphinde babanike i-co-supervision kaSolwazi ose-EPFL kanjalo nethuba lokuvakashela isikhungo i-EPFL ne-UM6P ngesikhathi samaholide asebusika nasehlobo nalapho kuqhuthswa khona i-summer/winter school, ama-workshops kanye nezingqungquthela. Lolu hlelo luhlose kakhulu ukusungula nokuvuselela imikhakha yalabacwaningi ukuze ithuthukise izwekazi i-Afrika kwezomnotho nokuthuthukisa imiphakathi.

Lolu hlelo oluhlele ukuba abafundela iziqu zobuDokotela balethe ama-proposal abo luhehe abafundi ababalelwa cishe kwabangama-854 abasuka emazweni angama-37 asezwenikazi i-Afrika kodwa kwathathwa abayi-10 kuphela, loku bekuncike kakhulu kwikhwalithi yocwaningo lwabo emva kokuhlungwa kwama-proposal kanye nenhlolokhono obekusezingeni eliphezulu – ithuba lokuthathwa belilinganiselwa ku-1%.

‘Ngijabule kakhulu futhi ngizizwa ngihloniphekile ngokuthola leli thuba eliyingqayizivele lokuhlangana, ngiphinde ngisebenze ndawonye nabanye babacwaningi abahamba phambili emhlabeni wonke, ikakhulukazi emkhakheni enginentshisekelo ngawo kangaka,’ kuphawula u-Bisschoff.

‘Lolu hlelo luzongisiza ukuba ngibe uMcwaningi ongcono kakhulu kwazise ngizothola ukwalulelekwa oNgoti nezingcithabuchopho emkhakheni we-astrophysics ne-cosmology bese nami ngibe negalelo njengomAfrika kulenkundla, kwazi bani nje, mhlawumbe ngelinye ilanga ngingaklonyeliswa nge-Nobel Prize!

Ucwaningo luka-Bisschoff lwe-PhD luthinta i-magnetic field kwi-early Universe – uzocwaninga ukuthi i-inter-galactic magnetic field (IGMF) ingaba nomthelela kwinkanyezi nakwi-galaxy formation emva kweminyaka eyi-10 lesigidi emva kwe-Big Bang.

Ukuba womunye wabathole ithuba lokuba kwi-‘100 PhD’s for Africa’ kuzokhuphula izinga lokusebenza ngokubambisana kwamazwengamazwe njengoba u-Bisschoff elulekwa nguSolwazi we-ARC u-Yin-Zhe Ma e-UKZN kanye noSolwazi Jean-Paul Kneib e-EPFL.

U-Kneib uhola i-Astrophysics Laboratory e-EPFL futhi unguNgoti obahola phambili kweze-large scale of the universe. Uphinde ahole ababambe iqhaza kwiprojekhti yase-Switzerland ebizwa nge-Square kilometre Array eyenziwa esifundazweni sase-Northen Cape eseNingizimu Afrika.

U-Bisschoff, owaphothula iziqu zakhe zemfundo ephakeme i-undergraduate degree kanye ne-master's degree eNyuvesi yase-Free State, wasungula lo mqondo wokwenza izifundo ze-PhD ngesikhathi esafunda i-master’s yakhe wabona kukuhle ukuthi axhumane no-Ma ngokuqhubeza ucwaningo lwakhe.

Ukhe kafushane ocwaningweni lakhe lapho echaza ukuthi i-IGMF, ingumkhakha othathwa kancane emhlabeni jikelele, futhi kumele ngabe igcwele umhlaba wonke futhi isetshenziswe ukuphenya i-Big Bang kodwa kuncike kakhulu ekutheni ayikhulisiwe njenge-Magnetic fields ezindaweni eziminyene emhlabeni wonkana.

‘i-IGMF kumele kube iyona-magnetic field endala kwi-Universe futhi kungenzeka ukuthi iqukethe imniningwane ebucayi echaza kabanzi ngokuthi iziphi izigameko ezenzakala okokuqala ngqa’, kuchaza u-Bisschoff.

Izikali eziqonde ngqo zamandla e-IGMF bezingakatholakali, ngakho-ke uBisschoff uhlela ukulungisa i-IGMF bese ehlola lezi zifaniso ukuze athole ukuqonda indlela ezisebenza ngayo, indlela i-early sub-galactic structure formation ne-epoch of re-ionization nokuyila ama-magnetic fields asuka khona. Uhlose ukuphinde athole izithiyo okuyizo ngqo kwi-IGMF lokhu uzokwenza ngenhlanganisela yezifaniso kanye nezindlela ezahlukene.

‘Ukuze siqonde kangcono ukusebenza kwalezinto, inkathi endlule kanye ne-evolution yama baryonic matter, kubalulekile ukufunda zonke izikali ezahlukahlukene zama-magnetic fields emhlabeni nokuyiyona elawula ukusebenza kwale-matter,' kuphawula u-Ma. I-electromagnetic force ilawula inani elibalulekile lalokhu ngaphakathi emhlabeni kusukela kwi-small scale planetary kuya ku-large-scale galaxy cluster magnetic fields.’

Amagama: ngu-Christine Cuénod

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .

Isifundiswa seSayensi Yezenhlalo Yomphakathi e-UKZN Sihlomule Nge-Oxford Fellowship

Isifundiswa seSayensi Yezenhlalo Yomphakathi e-UKZN Sihlomule Nge-Oxford Fellowship
USolwazi Kalpana Hiralal ese-University of Oxford.Click here for English version

USolwazi Kalpana Hiralal woMnyango weZifundo ngeZomlando e-UKZN uhlomule nge-AfOx Senior Fellowship yeNyuvesi yase-Oxford ekwelaseNgilandi.

U-Hiralal use-Oxford uthatha le-Fellowship uzoze abuye eThekwini ngoNtulikazi.

i-AfOx Visiting Fellows Programme yakhiwe ukuze ithuthukise ukuhambelana kalula, ukuxhumana kanye nobudlelwano phakathi kweZazi ezwenikazi i-Afrika. Njengelinye lelunga kwi-AfOx, u-Hiralal uzobe ehlangene ne-African Studies Centre, i-Oxford Department of International Development (ODID), kanye ne-Wolfson College.

Uzoba nemvume yonkungena emaKolishi ahlukahlukene, nakumtapo wolwazi obizwa nge-Bodleian Library (omunye wemitapo yolwazi emidala kakhulu eNgilandi) kanye ne-Weston Library enezinsiza ezinolwazi olubalulekile womzabalazo wokulwa nobandlululo. UCwaningo luka-Hiralal njengoba ese-Oxford luzogxila emzabalazweni wokulwela ukulingana kobulili njengenye yezindlela ehanjwa yiNingizimu Afrika ukufinyelela kwinkululeko; Uzokwethula iziphumo/okutholakele ocwaningweni lakhe kumasemina, imihlangano yokucobelelana ngolwazi kanye nezingqungquthela.

U-Hiralal uthi ukuhlala kwakhe e-Oxford kuze kube manje kumnandi futhi kuyisimanga Kuyiphupho elifezekile! ‘Kuyindawo enhle kakhulu ukuthi iZazi nezifundiswa zihlanganyele; futhi ucwaningo olusezingeni eliphezulu lwenziwa la. I-Oxford icebile kakhulu kweZomlando, kuvele kube ngathi uhamba kuwo impela umlando. Izakhiwo zamabhilidi zihlaba umxhwele, ikakhulukazi i-Bodleian Library, i-Christ Church kanye ne-Keble, i-Magdalen kanye ne-Trinity Colleges,’ kuphawula u-Hiralal. ‘Idolobha lihle kakhulu, linezigcinamlando/ amamuziyemu okubalwa kuwo i-Ashmolean Museum of Art and Archaeology, amatiyetha, izindawo zokudlela, izindawo ezidayisa itiye, amamakethe, i-Botanic Gardens, imifula kanye nama-canal.’

Seloku efikile, usehlangane nezazi eziningi, izifundiswa kanye nabafundi abaqhuba iziqu zabo.

Ongumcwaningi osezingeni kwa-NRF, u-Hiralal unezindawo ezibalulekile zentshisekelo ezimbili – ubulili kanye nabafuduki baseNingizimu ezwenikazi i-Asia (South Asian Diaspora) kanjalo nobulili ekumelaneni nezimo eNingizimu Afrika – ezinomthelela omkhulu kwezokuhwebelana ngaphakathi kanye nangaphandle nosekuholele ekwakheni amaprojekthi okusebenza ngokubambisana namanye amaphrojekthi angaphandle kanye namaNyuvesi.

Ama-Fellowship akhe adlule afaka phakathi i-Nordic Africa Institute (NAI) uMcwaningi oyisivakashi (e-Sweden ngowezi-2007); i-School of Oriental and African Studies (SOAS) e-United Kingdom ngowezi-2015, i-Erasmus Mundus Inspire Scholarship e-University of Valladolid ese-Spain ngonyaka wezi-2017.

Ngesikhathi ese-Oxford, u-Hiralal – ngokubambisana ne-India-Oxford Initiative (IndOx) kanye ne-ODID – uzokwethula incwadi ayibhalile esihloko sayo sithi: Sisters in the Struggle (UNISA Press, 2021), incwadi enama-volume amathathu, ehlanganisa iminyaka cishe eyi-100 kanye namadokhumenti ezimpilo zabesifazane abangama-61 abangabokuzalwa ezweni laseNdiya kanye neqhaza abalibambile ukuletheni inkululeko emzabalazweni waseNingizimu Africa.

Amagama: ngu-Melissa Mungroo

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .