Abafundi Baphesheya Batatanyiswe Emjikelezweni weTheku
Abafundi bakwamanye amazwe bethakasela uhambo lokubona iTheku.Click here for the English version
Abafundi abenza unyaka wokuqala e-UKZN bakwamanye amazwe batatanyiswe ngokuvakashiswa eThekwini.
Ihhovisi lezoBudlelwano Bamazwe yilona ebelihlele lolu hambo obeluhlose ukuthi laba bafundi bajwayele leli dolobha elinezimpiko ezine kwezinhlanu zase-UKZN.
Ekhuluma ngosuku lohambo, uMdidiyeli we-International Relations, uNksz Tholani Ngema, uthe: ‘Njalo ngonyaka siba nalo lolu hambo ukuze abafundi bakwamanye amazwe bajwayele futhi bazi kabanzi ngeTheku, osekuyikhaya labo elisha.
‘Njengomcimbi wokuqala ohlanganisa abantu onyakeni, leli yithuba elihle lokuthi abafundi bakwamanye amazwe bazane bebodwa.’
Kulolu hambo lwamahora amathathu ngeRicksha Bus yodumo abafundi abalinganiselwa ema-20 babetetemukiswa bakhonjiswa ubuhle beTheku. Lolu hambo luqale e-Golden Mile, abafundi babona indawo egudle ulwandle, amahhotela, izitolo zokudlela, namabhishi, okuyizinto eziheha izivakashi zomhlaba wonke.
Lolu hambo ludlulele enkabeni yedolobha nokuyilapho abafundi bevakashele imakethe endala kunazo zonke eThekwini – I-Victoria Street Market – bathola nethuba lokufunda ngamagugu namasiko abamnyama namaNdiya aseThekwini.
Umfundi wezomthetho, uMnuz Zakariyyah Jafali uthe lolu hambo lube ngaphezulu kwalokhu abekulindele kanti angabagqugquzela abafundi bakwamanye amazwe ukuthi bazofunda e-UKZN. Umfundi we-Onazi, uMnuz Serge Matanda uthe ulijabulele lolu hambo futhi uzibheke ngabomvu izinhlelo zabafundi bakwamanye amazwe ezizoba khona ngalo nyaka.
Emva kokudla isidlo sasemini e-The Cube – emise okwebhokisi eliyi-3D, yagqiza ngemidwebo – emgwaqweni I-Innes Road, abafundi bazitike ngobuhle bedolobha bafundiswa nomdanso iJerusalema Dance Challenge – eshise izikhotha emhlabeni jikelele ngezikhathi zomvalelandlini we-COVID-19.
UNksz Caroline Chasara, onguSekela Mengameli we-International Students Association (i-ISA) nowenza izifundo zobudokotela, uthe lolu hambo lumsizile wakwazi ukubona ubuhle bokungafani njengoba ekwazile ukuhlangana nabantu abasha, wathola abangani abasha. UNksz Pauline Catalano waseFrance, okwi-International Relations Staff Exchange Programme, uthe kube mnandi kakhulu ukubona idolobha nokufunda ngomlando walo onothile.
Uhambo ludlule ku-Florida Road – isizinda sempilo yobumandi ebusuku eThekwini – okuyindawo abafundi abayithokozele ukuyibona.
Ezinye izindawo ezinohlonze ezivakashelwe yi-UShaka Marine World, i-Moses Mabhida Stadium, i-Suncoast Casino, i-International Convention Centre (i-ICC), ne-Durban City Hall.
Amagama: ngu-Hlengiwe Khwela
Isithombe: ngu-Sethu Dlamini
author : .author email : .Umfundisi We-Jazz Ukhiphe i-Albhamu Yesithupha
Umfundisi we-Jazz, uMnuz Sibusiso Mashiloane ne-albhamu yakhe yesithupha.Click here for the English version
Umfundisi we-jazz e-UKZN, umshayipiyano nongumqambi-zingoma, uMnuz Sibusiso Mashiloane usekhiphe i-albhamu yakhe yesithupha esihloko sithi: Music from My People.
Kule-albhamu uMashiloane ukhuluma ngabantu acule nabo, izindawo azihambile, ukugqugquzelana kwezizukulwane nezinto ezimthintile.
‘Le-albhamu ingumkhumbi omacala maningi nedokodo lomculo eligcina eminye yemisindo abantu ababeyisebenzisa, nabasaqhubeka ukuyisebenzisa njengobufakazi bezimo abaphila ngaphansi kwazo,’ kusho uMashiloane.
I-Music from My People yi-albhamu enezingoma eziyi-12 eziqanjwe ngendlela ejulile eqhakambisa ulimi nezigqi ezehlukene nomoya wokuzwana nobunye ezizikulwaneni ngomsindo ohlaziya ukuzazi. Ididiyelwe phezu kwesisekelo somndeni, umphakathi, izwe, izwekazi lase-Afrika nomhlaba wonkana.
Umculo we-Jazz utolikwa ngokwezigaba zawo eziningi nezikhathi, kanti uqukethe amava abantu abaphila ngaleso sikhathi. Le-albhamu ihlanganiswe ngobuchule yahlelwa ngendlela yokuthi umlaleli imthathe lapha, imbeke laphaya, futhi iyimpicabadala ethonjululwa ngumlaleli ngokwempilo yakhe ukuveza uhambo lukaMashiloane emculweni.
Le-albhamu ibophele izingqalabutho emculweni, okuyinto ebibalulekile kuMashiloane obefuna ukuthi imiphakathi ehlukene izikhulumele ngomculo. Ezinye zalezi zingqalabutho singabala uTlale Makhene oshaya izigubhu, umshayisi-ginci uBheki Khoza noKhaya Mahlangu odlala i-tenor saxophone.
Kuhlangene izizukulwane emculweni kaMashiloane njengoba ephinde wabophela nabaculi abasebasha, abanye babo abafunde ngaphansi kwesandla sakhe, njengoQhubekani Mthethwa, odlala isiginci sebhesi, uThabo Sikhakhane odlala icilongo, nomculi uWandithanda Makandula.
UMashiloane, osedume nge-jazz yaseNingizimu Afrika nangokudlala emashashalazini aphesheya, unama-albhamu amahlanu. Udle ngezindondo eziningi waqokwa emicimbini ehlonishwayo nasemicimbini efana namaSAMA, ama-AFRIMA, ne-International Urban Music Awards. Okwamanje wenza izifundo zobudokotela nafuna ngazo, ngeso le-Jazz yaseNingizimu Afrika, ukuhlaziya izindikimba ngokukhumbula ekhaya azithola ebuyela kuzo njalo.
Eminyakeni eyisithupha edlule uMashioloane wazibekela ukuthi uzokhipha i-albhamu eyodwa njalo ngonyaka iminyaka eyisikhombisa. Kusukela lapho, nanka ama-albhamu asawakhiphile nadle ngawo izindondo:
2017 – Amanzi’ Olwandle
2018 – Rotha: Tribute to Mama
2019 – Closer to Home
2020 – Amanzi Nemifula: Umkhuleko
2021 – Ihubo Labomdabu
Amacwecwe e-Music from My People azothengiswa kuwo wonke amakhonsathi ngo-R150. Ungakwazi ukufaka i-oda ngokuthumelela imeyili ku-info@isupportodyou.com.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe
author : .author email : .Owayefunda E-UKZN Nenoveli Yakhe Yokuqala Esihloko Sithi Stirring The Pot
UDkt Quraisha Dawood nencwadi yakhe.Click here for the English version
Umfundi wakudala wase-UKZN uDkt Quraisha Dawood ushicilele inoveli yakhe yokuqala esihloko sithi Stirring The Pot, exoxa ngeqeqebana labesifazane abangamaSulumane, abahlala efulethini eliseThekwini i-Summer Terrace.
Ubungani balaba besifazane buthungelene njengama-tattoo aseNdiya adwetshwe ngodayi we-henna. Sikwethulela u-Anti Ruki, ohlala nomsizi wakhe wasendlini uJoyce, okuyinto ecasula abaningi. Kukhona noZaina, owenza izifundo zezokwakha kwenye yamanyuvesi avelele eThekwini, nonina uRabia, omkhulise eyedwa, esebenza kanzima ukuze indodakazi yakhe iphile impilo ephephile. U-Zaina unemfihlo engalimaza ubudlelwano bakhe nonina: unesoka ogama lalo ngu-Imraan, kanti ukuthandana kwabo akuvunyelwe.
Lena yindaba eshubile ngomesisi nabasebenzi basezindlini zabo, abesifazane nabayeni babo, izimfihlo namanga, umshado, ukufa, ukweba, umkhosi iRamadan, nezindlela zokuthaka izinongo zokudla komdabu.
Le noveli isuselwe ephepheni locwaningo ka-Dawood yeMastazi eyayibheka ubudlelwano 'bomedemu' abangamaSulumane 'nabasizi' babo, ukuthi bawaphatha kanjani amakhaya, ubuhlanga, inkolo, ukuzazi nokuba ngumuntu wesifazane, ikakhulukazi ezindaweni eziminyene njengamafulethi.
U-Dawood uthe ucwaningo lwakhe lwaluhlaba umxhwele, luthinta umphefumulo futhi luhlekisa. 'Bengingeke ngikwazi ukuyeka ucwaningo olunothe njengalolu luphelele eshalofini emtapweni wolwazi - bengifuna luphile; luvuselele izinkulumo ngalolu daba olukhulukazi nokuthi abafundi babone ububona kubalingisi. Ngokuqhubeka kwesikhathi, ngiqambe indaba ngisusela ocwaningweni lwami, ngibheka indaba yokudla, izingxabano, ukufana kanjalo nezigameko ukuze abafundi bathole umsoco wocwaningo ngendaba exoxwayo. Kuyintokozo kimi ukuthi iPenguin iwuthakasele umsebenzi wami.'
Selokhu kwathi nhlo u-Dawood ubegxile ekubhaleni izindatshana nezinkondlo ngoba ecabanga ukuthi ukuzibophezela ukubhala inoveli kungumsebenzi ongelula.
‘Bengilokhu nginokuzingabaza... kodwa uma unendaba ofuna ukuyixoxa, hlala kuyona. Ungazifakeli ingcindezi ngokulindele, jabulela nje ukuqhubeka kwendaba. Zenzele wena. Uma usukulungele ukuxoxela umhlaba indaba yakho, xhumana nomshicileli. Noma indaba yakho iphetha ngokushicilelwa noma cha, bhala ubhalele wena – wonke umuntu unendaba angayixoxa, futhi akekho ongabhala indaba yakho kangcono kunawe,’ kusho yena.
Le noveli kulindelwe iqale ukutholakala ezitolo zezincwadi ngoNdasa wonyaka wezi-2022 kodwa iyatholakala nge-inthanethi kwi-TakeAlot, e-Exclusive Books, eWordsworth Books naseGraffiti Books.
U-Dawood ungumbhali nesazi kwesokuhlalisana kwabantu. Ngonyaka wezi-2002 ushicilele incwadi yezinkondlo esihloko sithi Jewels of Faith: Poems for Muslim Youth. Useke wabhala amaphepha ashicilelwa kwi-Reader’s Digest, i-Irtiqa magazine, i-Al-Qalam, i-Al-Ummah, i-Sunday Tribune, Riding the Samoosa Express and Saffron, nasemabhukwini ezifundiswa. Uneziqu zobudokotela kwiSosiyoloji zase-UKZN kanti kumanje uyimenenja yocwaningo lwesikhungo semfundo esiphakeme esizimele.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe
author : .author email : .I-CCA Isebenzisana ne-Let’s Dance International Frontiers Festival
Ngokwewashi kusukela kwesobunxele: uMnuz Cameron Govender, uMnuz Cue Ngema, uNksz Thobile Maphanga, uNksz Snethemba Khuzwayo, uNksz Aphelele Nyawose, noMnuz Sabelo Cele.Click here for the English version
I-JOMBA! Festival ehlelwa yi-Centre for Creative Arts izosebenzisana ne-Let’s Dance International Frontiers Festival (i-LDIF2022) ukwethula imidlalo yobuciko bukhoma nangezindlela zokuxhumana ngobuchwepheshe zesimanje.
Lo mcimbi uzokhonjiswa mhla zingama-29 kuMbasa kuya mhla ziyisishiyagalombili kuNhlaba ngonyaka wezi-2022, kanti imisebenzi ezokhonjiswa ihlanganiswe nguMqondisi wezobuciko eSerendipity - Institute for Black Arts and Heritage uNksz Pawlett Brookes.
Lo mcimbi ngobuchwepheshe bokuxhumana besimanje uzokhombisa imidanso eseqophelweni eliphezulu eqhakambisa ukwehlukana nokufana ebantwini. Isiqubulo salo mcimbi sithi In Situ: Responding to Space, Place, People, and Time, ukubheka izindawo zemidlalo yobuciko nesimo sezindawo esihlala kuzona eminyakeni emibili edlule selokhu kwaqala umvalelandlini ngenxa ye-COVID-19. ‘Sonke besidansa; emakhishini nasemagunjini ethu okulala kanti le festivali igubha izindawo esingazisebenzisa nsuku zonke uma sinyakazisa imizimba yethu,’ kusho uNksz Brookes.
I-LDIF2022 izokhombisa i-2021 JOMBA! DIGITAL EDGE, inhlanganisela yamafilimu enziwe ngabadansi abayisithupha baseThekwini abasebancane, nabavutha uphondo uNksz Thobile Maphanga, uMnuz Sabelo Cele, uNksz Cameron Governder, uMnuz Cue Ngema, uNksz Snethemba Khuzwayo noNksz Aphelele Nyawose.
Umqondisi weZobuciko weJOMBA! nomfundisi womdanso e-UKZN uDkt Lliane Loots, uthe: ‘Kuyajabulisa ukuthi la mafilimu amafishane amnandi athakaselwa kakhulu kwifestivali iJOMBA! 2021 azoqhubeka nokudlala emcimbini omkhulu womdanso emhlabeni jikelele. Siyathokoza ukuqhubeka nokubambisana neLDIF yase-UK enohlelo olufana nolwethu ukuqhakambisa imidanso yesimanje yase-Afrika namaciko adabuka e-Afrika. Ikakhulukazi, ngijatshuliswa nawukuthi bawathandile amafilimu eJOMBA! DIGITAL EDGE - okungumsebenzi oqoqwe yiJOMBA ngenhloso yokwelekelela nokukhulisa ithalente laseThekwini.’
Ekhulumela abadansi, uMaphanga uthe: ‘Sizizwa sithakasile ukuthi umsebenzi wethu ube yingxenye yomunye umcimbi omkhulu emhlabeni. Sibonga kakhulu iJOMBA! ngokusinika amathuba anjengaleli.’
I-LDIF2022 izoba mhla zingama-29 kuMbasa kuya mhla ziyisishiyagalombili kuNhlaba. Ngeminye imininingwane, vakashela ku: https://www.serendipity-uk.com/programme/.
Amagama: ngu-Sinoyolo Mahlasela
Izithombe: Zithunyelwe
author : .author email : .Abathweswe Iziqu Bethule Ucwaningo Lwabo Embukisweni Omusha
Abathweswe iziqu zeMastazi nezoBudokotela eKolishi yeziFundo Zomthetho nezokuPhatha bathole ithuba lokuxoxa ngocwaningo lwabo embukisweni omusha.Click here for the English version
UMnyango wezokuPhathwa kwaBasebenzi noBudlelwano neziMboni waseSikoleni Sezokuphatha, Ezobuchwepheshe neZokulawula wethule umbukiso wocwaningo wokuqala, lapho abafundi ebebenza izifundo zobudokotela emikhakheni ehlukene namaMastazi ngonyaka wezi-2021 zethule ucwaningo lwazo ebantwini baseNyuvesi.
‘Abafundi beziqu zobudokotela bathole ithuba lokukhuluma ngamaphepha ocwaningo abawathumele ukuthi ashicilelwe ngokomgomo wezifundo zawo. Njengabaqondisi, siyabelusa sibacathulise ohambweni labo lokushicilela, ikakhulu uma bebhala iphepha labo lokuqala eligunyazwe yiSAPSE, abalibhala nomeluleki wocwaningo. Abafuna ukusebenza kwezemfundo, kubalulekile ukuthi baqale uhambo lwabo ngokushicilela ngokuhlanganyela. Njengezifundiswa, siyazi ukuthi ukushicilela iphepha ngumsebenzi onzima kodwa wonke umuntu kumele kube khona lapho aqala khona,’ kusho uMdidiyeli Wombukiso nonguMholi wezeMfundo kulo Mkhakha, uDkt Ashika Maharaj.
Naba abafundi abethule ucwaningo lwabo:
• UNksz Grace Nanoo, ophothule iMastazi ezifundweni zeZohwebo, wethule ucwaningo olusihloko sithi: A Study of Employment Equity in Higher Education Institutions in Durban. UNksz Nanoo ubecwaninga i-UKZN kanti uthole ukuthi izithiyo zokungalingani ngokomsebenzi kule nyuvesi zithinta inkokhelo, isiko lesikhungo, izindlela zokuqasha, uhlelo lokuqala, ukushaywa indiva kwabantu abathile, uhlelo lwabazongena ezikhundleni nokuhlinzekwa kwababebandlululiwe ngaphambilini.
• UDkt Lawrence Abiwu, obenza iziqu zobudokotela, wenze ucwaningo ngaphansi kweso likaSolwazi Isabel Martins. Isihloko sephepha lakhe besithi: “The Intangible outcomes of Talent Management Practices in Selected South African Higher Education Institutions”. Belugxile emandleni omqondo njengesikhali esimqoka ekunothiseni izinhlangano.
• Ucwaningo lukaDkt Taiwo Ajadi belusihloko sithi: “The Influence of Green Training and Green Reward and Compensation practices on Environmental Behaviours in the Workplace”.
• UDkt Wiza Munyeka wenze ucwaningo olusihloko sithi: “A quantitative Study on Salient Work-Life Balance Change Influencing Female ICT Professionals in South African Telecommunications Organisations”.
• UDkt Ndumiso Mdletshe, ocwangingweni lwakhe olisihloko sithi “The Influence of Transformational Leadership on Employee Engagement” ubebheka ukuthi izenzo zabaholi ngenhloso yokuletha uguquko zinamphumela muni ebudlelwaneni nabasebenzi.
• Ucwaningo lukaDkt Reward Utete lona belunesihloko esithi: “Examining the Impact of Employment Equity Amendments on the Business Performance of Small and Medium Companies in Durban”.
IDini yoCwaningo eKolishi yeziFundo Zomthetho nezokuPhatha, uDkt Collette Muller uthe lo mbukiso ubuyithuba lokuthi umphakathi weNyuvesi wazi ngemisebenzi ebeyenziwa ngababengabafundi namagalelo abo.
‘Kuhlale kumnandi ukubona abafundi abasha bezoBudokotela neMastazi bekhula ngokuhamba kwesikhathi, baze bathole iziqu zabo. SiyiNyuvesi, kasibabungazi ngendlela efanele. Lo mcimbi, ozoba khona minyaka yonke, uzokwenza abafundi babe nento abayiphokophele ngokwazi ukuthi uma bethola iziqu, bazothola ithuba lokwethula umsebenzi wazo ebantwini basenyuvesi nakubalingani babo.’
IBamba lePhini likaSekela Shansela neNhloko yaleli Kolishi, uSolwazi Brian McArthur uhalalisele abafundi ngempumelelo yabo.
‘Ngithanda ukuhalalisela lo mnyango ngokuthatha leli thuba. Kufanele sizame ukuthi neminye iminyango yenze okufanayo. Halala kubo bonke odokotela abasha; lijwayeleni leli gama ngoba nilisebenzele.’
Amagama: ngu-Thandiwe Jumo
Isithombe: Sithunyelwe
author : .author email : .