Owenza Ezobudokotela Kwezezibalo Uthole Umklomelo Waphesheya

Owenza Ezobudokotela Kwezezibalo Uthole Umklomelo Waphesheya
UMnu Abd-semii‘ Oluwatosin-Enitan Owolabi ophuma eSikoleni Sezibalo, Izibalomidanti neziFundo Zekhompyutha.Click here for English version

UMnu Abd-semii' Oluwatosin-Enitan Owolabi, owenza iziqu zobudokotela eSikoleni Sezibalo, Izibalomidanti neziFundo Zekhompyutha (i-SMSCS) uklonyeliswe nge-International Mathematical Union (i-IMU) Breakout Graduate Fellowship Award, waba ngomunye wabathathu abenza iziqu zobudokotela kwezezibalo abaklonyeliswe.

Ucwaningo luka-Owolabi, abelulekwa nguSolwazi Oluwatosin Tope Mewomo kulona, lugxile ekubhekeni indaba ye-split generalised mixed equilibrium, i-monotone inclusion ne-fixed point problem in Hilbert and Banach spaces. U-Owolabi ufisa ukuthola okusha, aphucule nolwazi olukhona ngalendima, okwenze lesisihloko esingakaze sibhekwe ngabacwaningi abaningi.

Loluhlelo lokwenza ucwaningi lwe-IMU lweseka abacwaningi abenza iziqu zobudokotela kanti lungenxa yeminikelo yabanqobe i-Breakthrough Prize in Mathematics, besizwa yi-IMU ne-Friends of IMU. Ibona abafundi abanesifiso esikhulu futhi abanethalente abahlose ukwenza umsebenzi wokucwaninga nokufundisa izibalo, ngaleyo ndlela bandise izinzuzo zeFellowship emazweni abo asekhaya.

U-Owolabi ungumfundi wezobudokotela wesibili owelulekwa ngu-Mewomo ukuthola lomklomelo ngokuqokwa yilowo omeluleka ngocwaningo. Esokuqala kwakunguDkt Adeolu Taiwo, ongumcwaningi e-Technion - Israel Institute of Technology.

‘Ngiyaziqhenya ngabafundi bami bezobudokotela ababili ngokuthola loMklomelo,’ kusho u-Mewomo. ‘Impela, yinto enkulu lena eSikoleni naseKolishi leZolimo, Ezobunjiniyeka neSayensi ne-UKZN.’

‘Ngijabule kakhulu ukuthola lomklomelo ohlonishwayo noyinyama,’ kusho u-Owolabi. ‘Kuyangilekelela ngezifiso zami.’ Wengeze ngokuthi lomklomelo wenza abacwaningi abavelele bakwazi ukuthi ucwaningo lwabo lwaziwe, kwaziwe isayensi yezibalo eyinsika ekuthuthukiseni isayensi nobuchwepheshe e-Afrika.

U-Owolabi waphasa iziqu zakhe zokuqala ngamalengiso kwelakubo, eNigeria, e-University of Ilorin, ngaphambi kokwenza iMastazi e-UKZN, ehehwa yigama elihle lokuba ngenye yezikhungo ezivele ezwekazini namathuba okulekelela ngokufunda nokweseka abafundi abenza ucwaningo. IMastazi wayiphasa ngamalengiso u-summa cum laude.

Ngemva kokuqeda iziqu zobudokotela, u-Owolabi uhlose ukufundisa ukuthuthukisa ikhono lakhe lomsebenzi namakhono okucwaninga, agcine esengusolwazi emkhakheni wakhe esikhungweni esigxile ocwaningweni. Ufisa ukuphosa esivivaneni sokuthuthukisa izibalo emphakathi, adlulise ulwazi ezifundweni zakhe.

U-Owolabi ubonge abazali bakhe, umkakhe, izingane zakubo ngokumeseka nokumkhuthaza, wabonga uMewomo ngokumeseka ezifundweni zakhe zocwaningo.

Amagama: ngu-Christine Cuénod

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .

I-UKZN Izokwenza I-25th Poetry Africa Festival

I-UKZN Izokwenza I-25th Poetry Africa Festival
I-Poetry Africa izoba khona kusukela mhla we-11 kuya mhla we-16 kuMfumfu.Click here for English version

I-Centre for Creative Arts (i-CCA) yaseKolishi lezesiNtu, ngokubambisana ne-National Institute for Humanities, i-French Institute of South Africa ne-Total, izokwenza i-25th Poetry Africa International Festival kusukela mhla we-11 kuya mhla we-16 kuMfumfu wezi-2021.

Indikimba yefestiveli yanonyaka ithi Unmute: Power to the Poet.

Imbongi, umbhali wemidlalo yeshashalazi nomdidiyeli waseNingizimu Afrika uNks Siphokazi Jonas ngenye yezimbongi ezizobe zikhona kulefestiveli bese kuthi enye imbongi uDkt utella Nyanzi ongungoti we-anthropoloji yezempilo ogxile kwezempilo ezithinta ezokubeletha, amalungelo ezocansi nobulili babantu e-Uganda naseGambia, ethule inkulumo enohlonze ngosuku lokuqala lwefestiveli ngoMsombuluko mhla wezi-11 kuMfumfu ngele-11 ekuseni.

UMqondisi we-CCA uDkt Ismail Mahomed uthe: ‘Njengoba amafestiveli ethulwa yi-Centre for Creative Arts eqhubeka nokuba wumvikeli wedemokhrasi, ubulungiswa noguquko emphakathini, siyaziqhenya ngo-Stella Nyanzi noSiphokazi Jonas abazoba seqhulwini lohlelo lwefestiveli yanonyaka.’

UNksz Siphindile Hlongwa, umhleli we-Poetry Africa Festival, wengeze ngokuthi: ‘U-Stella Nyanzi noSiphokazi Jonas bamele abantu besifazane abanamandla osekuneminyaka eli-15 bekhona kulefestiveli. Banesibindi, abesabi ukuthi izwi labo lilethe ithemba. Izinkondlo zabo ziyakhuthaza zigqugquzele ngomzabalazo wokulwela ubulungiswa emphakathini.’

Ngenxa ye-COVID-19, okuningi okusohlelweni kuzokwethulwa ngobuchwepheshe besimanje, kube khona okubili okuzokwenzeka bukhoma eThekwini kanti umhlaba wonke uzokwazi ukubamba iqhaza ohlelweni lwezinsuku eziyisithupha oluzokwethulwa izigaba izinsuku eziyisihlanu, kuhaywe izinkondlo, kuhlanganwe ezinkundleni zokuxhumana ngobuchwepheshe, imincintiswano, ukwethulwa kwezincwadi, amasemina nezithangami zokucobelelana ngolwazi.

Ifestiveli iyaziqhenya ngokuba khona kwezimbongi zasemazweni ase-Afrika okukhulunywa isiFrentshi kuwona okungo-Roi Bokon waseTogo, u-Aziz Siten’k waseMali, uKissy Abeng noW Charly waseCameroon no-Ben Larbi waseMorocco.

I-Poetry Archive, inhlangano engenzi nzuzo yase-UK, ibhekene nokukhiqiza nokulondoloza izinkondlo eziqoshiwe ezihaywa yizimbongi, ibambisene ne- Poetry Africa ukukhuluma ngobumqoka bokulondoloza umlando nokwazi ngolibo lwezinkondlo.

Obunye ubudlelwano bokubambisana ezingeni lomhlaba jikelele ngeline-Quay Words e-UK, esekwa yi-The British Council, i-Lviv International Book Forum yase- Ukraine, Indlu yeNxusa lase-Ukraine eNingizimu Afrika ne-Brussels Poetry Fest.

I-Poetry Africa Festival ivuma ukubaluleka komsebenzi wosomabhizinisi kulomkhakha kanti izoshicilela i-Let’s Publish NOW ngokuhlanganyela ne-imphepo press.

‘Yigxathu elimqoka kwifestiveli kanjalo nasezimbongini ebezibakhona eshashalazini le-Poetry Africa eminyakeni engama-24 edlule. Siyaziqhenya ngokuba yinkundla evulekile yezimbongi ukuthi zihlangane, zibuze, zikhuthaze. Sibonga ukwesekwa esikuthole kubalingani ezindaweni eziningi eminyakeni edlule abasaqhubeka ukweseka izwi lezimbongi zethu,’ kusho uHlongwa.

I-Imbiza Journal for African Writing izoshicilela incwajana yekhethelo nge-Poetry Africa. Eminye imikhankaso kuzoba yiqophamlando nge-Slam Poetry neqoqo elizokwethulwa ngosizo lwe-National Institute for Humanities & Social Sciences.

I-Poetry Africa ungayibamba mahhala ku-Facebook no-YouTube.

Amagama: ngu-Melissa Mungroo

Isithombe:Sithunyelwe


author : .
author email : .

Umfundi Wakudala Ulale Isibili kwi-Unisa National Strings Competition

Umfundi Wakudala Ulale Isibili kwi-Unisa National Strings Competition
UMnu Bethuel Tshoane.Click here for English version

Umfundi wakudala wase-UKZN uMnu Bethuel Tshoane (wesiginci) uphume isibili emqhudelwaneni i-3rd Unisa National Strings Competition egabisa ngethalente namava abaculi abasebancane baseNingizimu Afrika bomculo wezimfijoli ne-jazz.

Lomqhudelwano, obuse-Z K Matthews Great Hall ePitoli, ubunemikhakha emibili, we-classic (i-violin/cello) nowe-jazz (isiginci/esebhesi). UTshoane ugoduke nezi-R50 000.

‘Ayikholakali indaba yokuwina. Ukuqhudelana nabanye abaculi kukodwa kuyinto enkulu. Lokhu kungikhuthaza ukuthi ngiqhubeke nokuzithuthukisa emsebenzini wami. Umqhudelwano angiwungenelanga ukwandisa ulwazi lwami kepha futhi ukugabisa ngekhono lami lomculo,' kusho yena.

UTshoane uqhudelana nabanye emizuliswaneni emine kusukela kowezingoma ze-jazz nezingoma abaziqambele zona. ‘Ngizivivinyile, ngaphokophela ukwenza kangcono kuyo yonke imizuliswano. Imiqhudelwano enjena imqoka kubona bonke abaculi abasafufusa ngoba babona zonke izinhlangothi zomculo nemboni yomculo yonke,’ kwengeza yena.

Iseluleko sakhe kubaculi abasafufusa sithi ‘wukugqugquzela abanye abaculi ukuthi bazikhandle ngomsebenzi wabo, bahlale benethemba kukhona konke abakwenzayo.’

Amagama: ngu-Melissa Mungroo

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .

Umfundi WezeMfundo Wethule Inoveli Ephakamisa Amaphaphu

Umfundi WezeMfundo Wethule Inoveli Ephakamisa Amaphaphu
Umfundi owenza izifundo zobudokotela kwezeMfundo uNks Jennifer Sheokarah nencwadi yakhe entsha ethi The Intruder.Click here for English version

Umfundi owenza izifundo zobudokotela kwezeMfundo uNks Jennifer Sheokarah wethule incwadi yakhe entsha ethi The Intruder, okuyincwadi egqugquzelwe yisikhathi sobhubhane i-COVID-19.

‘Ngangivaleleke endlini ngesikhathi somvalelwandlini wokuqala ngonyaka odlule kanti kwangelapha ukubhala. Ngangifisa ukubhala ngobhubhane ngendlela abantu ababezoyiqonda, ngase ngilwenza samuntu; ngathi yi-Intruder kwinoveli,’ kusho yena. ‘Kulula ukubhekana nomuntu kunokubhekana nobhubhane. Luyabalulwa ngezindlela ezihlukene ubhubhane, lube yisifengqo, encwadini yonke. Kepha incwadi isuselwe ekhanda.’

Inoveli ixoxa ngomuntu wesifazane osemncane u-Jen ozithola ethandana nesoka elingudokotela u-Wren, ozithola ekhathele lokhu okuxakile ngenxa yokubizwa ngapha nangapha ukuthi azobhekana nokugadla kwe-Intruder, umgulukudeli. Izinga lokufa kwabantu linyuka kangangokuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika ugcina usufake izwe ngaphansi kwesimo esibucayi nomvalelwandlini. Ekhuthazwa yintshisekelo yokuthi isimo sibuyele kwesijwayelekile, u-Jen uqala ukufokisa ukuze abambe lendoda ezifihlile. Akekho ophephile kule-Intruder.

Lencwadi yaqala iyiziqeshana uNks Sheokarah ayezithumele kwi-Creative Network Magazine yase-UKZN. Imibono yabafundi nokulangaza kwabo kwaholela ekutheni le ndaba igcine yenziwe inoveli. 

‘I-The Intruder ixoxa ngokuthi umlingiswa oqavile ubhekana kanjani nempilo ngenkathi indoda ezifihle ngesigqoko ihamba izingela, idunga izinhlelo zakhe, imenza azibuze imibuzo. Wenza uphenyo lwakhe ukubona ukuthi ngubani le i-Intruder bese kuthi abangani bayo abadala beyiveza. Ukubhala lenovei kungenze ngazi ukuthi ukubhala yinto engibalekela kuyona. Ngikholwa wukuthi udinga indawo ethile ongaya kuyona uma ungasakwazi ukuhamba’ kusho uNks Sheokarah.

Le ncwadi itholakala ku-Amazon naku-Kindle. Uhla lwezitolo elizoyidayisa luzotholakala maduzane. Izincwadi ezisayiniwe zitholakala kumbhali ku: jennifer_sheokarah@yahoo.com.

Amagama: ngu-Melissa Mungroo

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .

Isifundo Sokuqala Sibheka Ubumqoka Bokucabangisa Okwekhompiyutha Esikhathini Sanamuhla

Isifundo Sokuqala Sibheka Ubumqoka Bokucabangisa Okwekhompiyutha Esikhathini Sanamuhla
USolwazi Irene Govender.Click here for English version

Ukucabangisa okwekhompiyutha njengokhono lesikhathi samanje bekuyisihloko seNkulumo yesifundiswa seSikole SezokuPhatha, EzobuChwepheshe noKulawula uSolwazi Irene Govender ethi: Life in the Digital Era: Enhancing Computational Thinking.

Izifundo zokuqala ziyingxenye yochungechunge lweZifundo zoMphakathi zase-UKZN kanti ingethulwa ngosolwazi abasanda kuba ngosolwazi ngokugcwele. Leligxathu empilweni yesifundiswa yithuba lokukhangisa ngomsebenzi oyingqophamlando wokucwaninga nokufundisa.

Ucwaningo luka-Govender lubheka ukuthi abafundi bawafunda kanjani amakhompiyutha ukuphucula indlela yokufunda kulomkhakha nokuphucula amakhono okuxazulula izinkinga nokuhlaziya.

‘Eminyakeni eyishumi noma eli-15 umuntu wayengeke acabange ukuthi ukucabangisa okwekhompiyutha kuyobe sekusabalele kangaka. Lendlela iyasimama kuyona yonke imikhakha ngakho ithinta abafundi nezindawo zomsebenzi bese ngaleyondlela ithinta nemfundo nohlelo lwemfundo,’ kuchaza u-Govender.

Isifundo sakhe sichaze ukuthi yini ukucabangisa okwekhompiyutha, ubumqoka nesidingo sokuhlela nobuchwepheshe obusamuntu nokuthi ukucabangisa okwekhompiyutha kungathuthukiswa kanjani.

U-Govender uthe izinkampani eziningi ezaziwayo njengo-Microsoft, u-Facebook nomkhakha wezobuchwepheshe jikelele ziyasisekela isiphakamiso sokuthi bonke abafundi kufanele bafunde okuthile nge-programming noma i-coding.

‘Njengoba ucwaningo lusimama, nezindlela zokuxazulula izinkinga ezisetshenziswa ngamakhompiyutha ziyathuthuka. Lokhu kwenza ukuthi kuthuthuke imfundo. Njengoba kudingeka ukuthi abafundi besikole bazi ngokuthi izitshalo zilisebenzisa kanjani ilanga ukuze zihlale ziluhlaza nokuthi ukudla kugayeka kanjani esiswini, wonke umfundi wesikhathi samanje kufanele athole ithuba lokufunda ngendlela amakhompiyutha axazulula izinkinga ngayo, ukuthi ama-app enziwa kanjani nokuthi i-inthanethi isebenza kanjani. Okwamanje, kuncane okulindelwe yizikole zethu ngokuthi abafundi babenolwazi oluncane lwalezizinto ekubeni ziphethe izinto eziningi empilweni yethu,’ kuphawula u-Govender.

Wengeze ngokuthi kulomnotho womhlaba wanamuhla, ubuchwepheshe buyinsika emsebenzini, ngakho ukuxazulula izinkinga ezingavamile kuyikhono elimqoka emhlabeni oshintshashintshayo. Abafundi banamuhla bazophila impilo encike kwezobuchwepheshe kanti abaningi bazosebenza ezindaweni ezithintwa wubuchwepheshe.

U-Govender ubonge abalingani bakhe emkhakheni weZolwazi, eZezindlela neZobuchwepheshe abangoSolwazi McArthur, uSolwazi Mutula, umndeni wakhe, umyeni wakhe uSolwazi Desmond Govender, amadodana akhe amabili u-Stanton noJoash, umakoti wakwakhe u-Sherece nomzukulu wakhe u-Ariella.

IPhini LeSekelashansela eliyiBamba eKolishi leZifundo Zomthetho neZokuPhatha uSolwazi Brian McArthur uthe umhlaba esiphila kuwona udinga ukuzihlomisa ngamakhono amasha, ukuziqeqesha kabusha nezindlela ezintsha zokucabanga ikakhulu endimeni yezobuchwepheshe wase ehalalisela uSolwazi Govender ngeqhaza lakhe kulendima.

Isifundo sokuqala esiphelele esiqoshiwe sitholakala lapha: https://www.youtube.com/watch?v=1M58zsX1IBc.

Amagama: nguThandiwe Jumo

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .