ISimpoziyamu Yokuqala Yosuku Lokudla E-UKZN

ISimpoziyamu Yokuqala Yosuku Lokudla E-UKZN
Abafundi besetafuleni lase-UKZN le-World Food Day bafunde ngokulima ukudla kwabo, ukudla ukudla okuphelele nokuqonda amagama abhalwe ekudleni nokuthi kuthengwa kanjani ukudla okunempilo okungabizi.Click here for English version

I-College of Agriculture, Engineering and Science (i-CAES) yase-UKZN ibihlele umgubho wokuqala we-World Food Day ngesimpoziyamu enkundleni yokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje, ihambisana netafula lokudla ophikweni lwaseMgungundlovu, ebihlose ngalo ukugqugquzela ucwaningo nobuchwepheshe ukuthuthukisa izindlela zokukhiqiza ukudla nokukhiqiza ukudla okondla isizwe.

I-UKZN ihlanganyele nesizwe nomhlaba ukuveza usizi lwabantu abalambile abayizigidi ezingama-870 emhlabeni wonke, iningi labo elihlala ezindaweni ezisemakhaya lapho indlela enkulu yokuziphilisa kungezolimo.

Izikhulumi ezevile kwi-130 bezikule simpoziyamu. IPhini leSekelashansela lase-CAES, uSolwazi Albert Modi, lithe inhloso yalo mcimbi bekungukubheka ukuthi kwenziwani ngocwaningo olwenziwa e-UKZN ukushintsha impilo yabantu. Libalule ukuthi iningi labafundi base-UKZN livela emakhaya nasezindaweni ezingasemakhaya lapho ububha nendlala kudlange khona kanti iningi ezimpikweni ezinhlanu zeNyuvesi zihlala ezindaweni ezihlala abafundi futhi zixhaswe nguhulumeni. 

U-Modi umemezele ukuthi i-UKZN yenza uhlelo lokulwa nobubha kubona bonke, ibheka izindlela ezintsha zokuthi abafundi bazitshalele ukudla nokubahlomisa ngamakhono nolwazi lokuthi babhekane nezimo zazo ngokubheka imiphumela yezempilo neyemfundo.

UNks Shelley Barnsley wase-CAES Student Support Services ukhulume ngenkinga ecashile, evamile neyandile yendlala kwizitshudeni e-UKZN, wagcizelela ukuthi umfundi ophilile uyinyuvesi ephilile, wase exoxa ngezinto ezinomthelela nezisombululo.

USolwazi Tafadzwa Mabhaudhi wase-Centre for Transformative Agricultural and Food Systems (i-CTAFS) ukhulume ngokuhlangana kwaManzi, Amandla kagesi nokuDla, wabalula ucwaningo olwenziwe e-UKZN ngalezi zinto, wagcizelela ukuthi i-COVID-19 ibhebhezele izinto phambili ngokungalingani nokuthi kudingeka indlela ehlelekile yokuqinisekisa ukuthi abantu bakwazi ukuthola lezi zinto ngemva kweCOVID-19.

USolwazi Suna Kassier wase-Dietetics and Human Nutrition ugcizelele ubumqoka bokuthi abafundi balandele uhlelo lokudla olunempilo, wachaza ukuthi kusho ukuthini ukuba nokudla, wagcizelela izinga lokudla nokudla okwenele.

USolwazi Betty Mubangizi, uSihlalo we-South African Research Chair of Sustainable Local (Rural) Livelihoods e-UKZN, ukhulume ngobukhona bokudla nohulumeni wasekhaya nokuthi le mikhakha ingabambisana kanjani ukukhiqiza ukudla.

USolwazi Maheshvari Naidu wase-Discipline of Anthropology ukhulume ngobumqoka besimo neso lokubuka izinto, okukhona kuzona ukuzimela kokudla nobulungiswa ekudleni.

UMnu James Martin, isiKhulu esiPhezulu esiBambile kuMgungundlovu Economic Development Agency (i-UMEDA), uthe ezolimo zingumgogodla wazo zonke izinto zomnotho, kwathi uMnu Lunga Schoeman wase-Shoprite wenaba ngezinhlelo zale nkampani mayelana nezinhlelo zokuxhosha indlala, ikakhulu lezo ezihlanganyelwe namanyuvesi.

UModi uncome ukugxila komcimbi esihlokweni, wathi lezi zingxoxo zizoba yingxenye yohlelo lokuqeda indlala i-Zero Hunger yeNyuvesi.

Izikhulumi ziphawule zathi umcimbi ufundisile, izingxoxo zavula amehlo abantu ngezindaba ezithinta ukuba khona kokudla nokuthi kuhle ukubuka izinto ngeso elifaka imikhakha eminingi.

Abafundi basekhempasini yaseMgungundlovu bakwaze ukuvakashela itafula lokudla lapho abafundi nabahleli bomcimbi base-Dietetics nase-CTAFS bedingide khona izinselelo ezithinta ukutholakala kokudla abafundi ababhekene nakho, bethula imincintiswano kubafundi ukwandisa ukudla kwaboo lapho zihlala khona nokuthenga ngendlela eyongayo ngemali encane; ukuthenga ukudla okunempilo nokungabizi. Abafundi bezi-Dietetics baveze amasu okulungisa ukudla okulula nezijumbana zokudla ze-Rise Against Hunger, kwathi imoto yokudla yakwa-Shoprite yanikela ngokudla.

Abafundi bakwaze ukuthola usizo oluzichazela ngamagama okudla, nokudla ukudla okuphelele nokuthi zingayithola kuphi incwadi ngokudlala okunempilo ngemali encane.

Lo mcimbi ubenezinhlangano eziningi njenge-Food and Agriculture Organization ye-United Nations; i-Enactus; umNyango wezaseMakhaya nezokuThuthukiswa komHlaba, i-Shoprite Checkers; umNyango wezoLimo wakwaKwaZulu-Natali, i-UMEDA; umNyango wezokuThuthukiswa kwezoMnotho, ezokuVakasha nezokoNgiwa komHlaba KwaZulu-Natali; i-South African Weather Service; i-South African National Biodiversity Institute; i-National Research Foundation; i-Institute for Commercial Forestry Research; i-Institute of Natural Resources; uMngungundlovu District Municipality; i-Water Research Commission; i-Sustainable and Healthy Food Systems programme noMngeni Resilience Project.

Amagama: ngu-Christine Cuénod

Izithombe: ngu-Nicole Chidzawo noNtokozo Dladla


author : .
author email : .

Usosayensi wase-UKZN Uthole Indondo Yaphesheya

Usosayensi wase-UKZN Uthole Indondo Yaphesheya
UDkt Sooraj Baijnath oyi-Bioanalysis Rising Star yangowezi-2020.Click here for English version

UDkt Sooraj Baijnath, i-honorary fellow yocwaningo eMkhakheni we-Pharmaceutical Science e-UKZN uwine umklomelo waphesheya i-Bioanalysis Rising Star Award.

U-Baijnath ubeqhudelana nabanye ososayensi abasebancane abahlonishwayo emhlabeni jikelele basemazweni anjengeMelika, i-United Kingdom, India, ne-China. Ungumuntu wokuqala wase-Afrika nowaseNingizimu Afrika ukuzuza lo mklomelo.

I-Bioanalysis Rising Star iwuklomelo ohlonishwayo waminyaka yonke oklomelisa ososayensi abasafufusa emkhakheni we-bioanalysis. Inhloso yalo mncintiswano, oxhaswe yi-Waters Corporation, ngukufukula umsebenzi wabacwaningi abanethalente elikhulu, ubanike inkundla yokusimama emkhakheni we-bioanalysis. Umklomelo kaSolwazi Baijnath uhambisana nohambo ozindleko zalo zonke zokuya phesheya zikhokhelwe ukuya e-Waters Corporation eMelika ukuthi ayofunda ngobuchwepheshe obusha kulo mkhakha.

U-Baijnath uphawule wathi: ‘Usizo engiluthole emhlabeni wonke luyamangalisa. Ngifisa ukubonga bonke abaxhasi bomklomelo, i-Waters Corporation ne-Bioanalysis Zone ngaleli thuba.’

Umsebenzi wocwaningo ka-Baijnath, owake wathola umklomelo i-Excellence Award yangowezi-2016 ye-National Research Foundation kanjalo nomklomelo i-Teaching and Learning 2018 Award for the Best Emerging Teacher yaseKolishi lezifundo ZezeMpilo e-UKZN, waqala ukuvelela ngenkathi enza ucwaningo lweMastazi yeSayensi yezokweLapha lapho enza khona indlela yokucwaninga ushintsho kwifiziyoloji nama-molecular biomarkers ngezikhathi ezihlukene zokukhulelwa komuntu. Ngesikhathi enza iziqu zobudokotela, wayeneqhaza elikhulu ekucwaningeni ama-antibhayothiksi, egxile kwi-meningitis ebangwa yisifo sofuba ezilwaneni esebenzisa iLC-MS ne-mass spectrometry imaging (i-MSI). Wasungula umsebenzi omusha lapho okwakuqhathaniswa khona ukuvuvukala kwamaphaphu, ngemuva kokuqaphela ukushoda ezindleleni ezikhona ze-MSI.

U-Baijnath usanda kuthuthela e-Uppsala University e-Sweden lapho ethathe khona indawo yokuba wumcwaningi eMnyangweni we-Medical Mass Spectrometry. Umuntu omqokele kulo mklomelo wuDkt Sanil Singh, ophawule wathi: ‘Amakhono kaSooraj ahlonishwa kulelizwe naphesheya ngokuba yingxenye ye-DIPLOMICS South Africa Mass Spectrometry Society nokuba ngomunye wabafaka isicelo kumfundaze wezinto zamagumbi okucwaninga imbewu nomfundaze wokuhlanganyela i-STINT Swedish. Amakhono akhe ngawezinga eliphezulu, njengoba esake waqeqeshwa e-Bruker Headquarters e-Germany nase-Uppsala University e-Sweden.'

Amagama: ngu-MaryAnn Francis

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .

I-UKZN Ibalwa kuma-#332 ku-Best Global Universities Yakamuva

I-UKZN Ibalwa kuma-#332 ku-Best Global Universities Yakamuva
I-UKZN ikleliswe endaweni yesine eNingizimu Afrika kuma-Best Global Universities.Click here for English version

I-University of KwaZulu-Natal (i-UKZN) iphume ku#332 emanyuvesi avelele emhlabeni jikelele kuma-Best Global Universities e-News & World Report, abheka isimo socwaningo njengamaphepha acashunwe kakhulu namagama ngokwezwe nokwesifunda kwamanyuvesi avelele emhlabeni ayi-1 500 asemazweni angama-80.

INyuvesi iphume endaweni yesine ezikhungweni ezingama-57 zase-Afrika, yabamba indawo yama#61 ezikhungweni ezingama-250 zezesayensi yasemkhathini, ngokwamagalelo ayo kwezocwaningo. I-UKZN iphume isine eNingizimu Afrika, ngemva kwe-University of Cape Town, i-University of the Witwatersrand ne-Stellenbosch University.

IPhini LeSekelashansela lezoCwaningo e-UKZN, uSolwazi Deresh Ramjugernath, liphawule ngezinga elicokeme locwaningo eNyuvesi, lancoma abafundisi nabacwaningi ngokubeka isikhungo esicongweni.

‘Manje kunakuqala amagalelo enyuvesi wukwenza umehluko empilweni yezakhamuzi zezwe. Umsebenzi ofihlekile wabasebenzi nabafundi kufanele ugxile ekubhekaneni nezinselelo zezenhlalo nezomnotho ukuphucula impilo yabo bonke abantu bakithi,’ kusho u-Ramjugernath. ‘Ngijabule ngaloku kubonakala komsebenzi wokuzikhandla wabafundi bethu, wezifundiswa zethu nowabacwaningi bethu.’

Ukuklelisa kwe-US News & World Report Global Universities kwesikhombisa kwaminyaka yonke kuqhathanisa amanyuvesi emhlabeni, ihlinzeke ngokuqondisisa abafundi bakwamanye amazwe abafuna ukuyofunda phesheya. I-2021 Best Global Universities rankings ithembele ezibalweni nasocwaningweni lwe-Clarivate, inkampani yocwaningo.

Vakashela ku: https://www.usnews.com/education/best-global-universities/university-of-kwazulu-natal-504296 ukuze ufunde umbiko wonke.

Amagama: ngu-Raylene Captain-Hasthibeer

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .

Owenza Iziqu Zobudokotela Ezibalweni Ubekwizikhulumi Ethimbeni Labesifazane Elivelele

Owenza Iziqu Zobudokotela Ezibalweni Ubekwizikhulumi Ethimbeni Labesifazane Elivelele
Kusukela phezulu kwesobunxele kuya kwesokudla nguNks Leanne Manas, uNks Anne Githuku-Shongwe, uNks Sinenhlanhla Precious Sikhosana, uNks Zozibini Tunzi, noNks Wendy Dobson.Click here for English version

UNks Sinenhlanhla Precious Sikhosana ubambe iqhaza kwi-Standard Bank Top Women Conference, lapho ekade eno-Miss Universe, uNks Zozibini Tunzi; i-Standard Bank Head of Policy, Advocacy and Sustainability, uNks Wendy Dobson; nomele i-UN Women South Africa, uNks Anne Githuku-Shongwe ukubhunga ngokubumba isizukulwane esilungele ikusasa.

Le ngqungquthela yokuxhumana ngobuchwepheshe bokuxhumana besimanje ibinohlelo olunothile lwabaholi abavelele nongoti abakhuthaze, beluleka osomabhizinisi base-Afrika abayizi-10 000.

Kucelwe lo mfundi ewenza iziqu zobudokotela emkhakheni waso e-Astrophysics Research Centre (e-ARC) ukuthi siphose esivivaneni ngolwazi nangamava aso engxoxweni njengososayensi. USikhosana, oyisishabasheki samalungelo abantu besifazane kwezesayensi, ukholwa wukuthi abantu besifazane kufanele bafise ukuba nezikhundla ezizokwenza ukuthi iqhaza labo lilethe ushintsho oluzohlale lukhona.

‘Ngijabulile ukuba semcimbini omkhulu kangaka,’ kusho yena.

Engxoxweni bekuhlaziywa ukuthi kungakanani okusasele ukuqinisekisa ukuthi kunokulingana ngokwezizukulwane nangokobulili, izikhulumi zagcizelela ukuthi okwenziwa yisizukulwane samanje kumqoka ekutheni isizukulwane sangomuso sikubone ukulingana.

‘Isizukulwane sethu sithathe izintambo esizukulwaneni esalwela inkululeko nokulingana emfundweni; manje sekuyisikhathi sethu sokuqinisekisa ukuthi isizukulwane sangomuso siyakwazi ukufinyelela ngokulinganayo kuyona yonke imikhakha, ngisho nokulwa nezindlela ezikhona ezivala amathuba,’ kusho uNks uSikhosana.

USikhosana - engeza kokushiwo wuTunzi, u-Dobson, noGithuku-Shongwe - ukhulume ngokukwazi ukuthola imfundo esezingeni eliphezulu, wathi kumqoka ukuqinisekisa ukuthi izizukulwane zangomuso ziyakwazi ukubamba iqhaza kuyona yonke imikhakha emphakathini nasezimbonini, ngisho nakulezo okukhonya abantu besilisa kuzona. Ubalule ukuthi ushintsho olukhulu lwangomuso luqala ngezinto ezincane ezenziwa manje lapho umuntu ngamunye ekhona.

Ukusebenza emkhakheni lapho abantu besifazane bengakhuthazwa ukuba kuwona nokuchuma kwenze ukuthi uSikhosana alwele amalungelo abantu besifazane kwisayensi. Unxuse ososayensi besifazane ukuthi baxhumane nemiphakathi yabo, ikakhulukazi abantu besifazane abancane abafisa ukwenza imisebenzi yesayensi ukuze bakhombise ukuthi abantu besifazane banendawo kwezesayensi. Ukhuthaze abantu besifazane ukuthi bacije izizukulwane zabantu abasha ukwandisa iqhaza labantu besifazane kwisayensi.

Ngonyaka wezi-2017, uSikhosana wabalwa njengomunye wabavelele abangama-Wonder Women in Science eKolishi lezoLimo, ezobuNjiniyela nezeSayensi. Kumagalelo akhe kukhona ukuphasa ngamalengiso iziqu zokuqala neze-Onazi, ukuba ngomunye wabafundi abavelele beKolishi nokuthola umfundaze i-Hope Scholarship yokuyofunda inyanga e-Princeton eMelika. Usanda kuthola i-Department of Science and Innovation TATA African Women in Science Doctoral Scholarship nomfundaze wocwaningo i- L’Oréal-UNESCO For Women In Science. Ube ngomunye wososayensi abancane abavelele abangama-20 abebemele iNingizimu Afrika kwi-Lindau Nobel Laureate Meeting yama-69 eJalimane kanti manje usethimbeni lama-blogger e-South African Young Academy of Science.

USikhosana wenza ucwaningo lweziqu zobudokotela kwi-diffuse radio emission emaqoqweni ase-Atacama Cosmology Telescope (ase-ACTPol). Lolu cwaningo olusebenzisa izipopolo ezinjenge-MeerKAT yaseNingizimu Afrika lugxile ekutheni akhiqizwa kanjani amafothoni. 

Amagama: ngu-Christine Cuénod

Isithombe: Sithunyelwe


author : .
author email : .