
Umfundi WaseKolishi LezesiNtu Uyinxusa Kwi-World Youth Forum
Click here for English version
Umfundi waseSikoleni sezoKwakha nezeziFundo zezeNtuthuko uMnu Ubaidullah Fazel Ellahi uqokwe wayinxusa laseNingizimu Afrika kwi-World Youth Forum, ingqungquthela yama-Arabhu ase-Africa eba khona minyaka yonke e-Sharm El-Sheikh eGibhithe.
Le sithangami sihlanganisa intsha emhlabeni lapho ithekela ulwazi khona, ithole ithuba lokucobelelana nokwenza iziphakamiso ebantwini abathatha izinqumo nalabo abakwazi ukwenza izinto zenzeke. Lo mcimbi uba nabantu abehlukene okukhona kubona omengameli, abaholi bentsha basemhlabeni wonke abakhuthaza, abantu abasha emikhakheni ehlukene, osaziwayo basemhlabeni jikelele namaqembu entsha asemhlabeni wonke
‘Njengenxusa laseNingizimu Afrika, ngithole ithuba lokukhuluma, ngabhala izinqumo zivivinywa, ngaxoxisana nabalingani, saxazulula imibango engqungqutheleni,’ kusho u-Ellahi.
‘Indikimba yengqungquthela bekungamathuba okubambisana phakathi kwamazwe ama-Arabhu nawase-Afrika. Ukuze ngikhethwe ngangiqale ngathumela iphepha locwaningo ngamathuba okubambisana phakathi kwamazwe ama-Arabhu nawase-Afrika ngokubona kwezwe lami. Ephepheni lami, ngabalula isidingo sokuphucula ikusasa lobukhona bokudla kuzona zombili lezi zifunda.’
U-Ellahi uthe uthole ulwazi olumqoka kule ngqungquthela, oluphucule ikhono lakhe lokukhuluma ngokuxoxa nezithunywa ezisezingeni eliphezulu. Ukwaze ukuqonda kangcono izinto ezinjengokuphepha kwamanye amazwe ama-Arabhu nawase-Afrika.
Amagama: nguMelissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe