
Owayengumfundi Unikele Emindenini Ehlwempu Eyi-2 000
Click here for English version
Umculi we-House nowayengumfundi wase-UKZN, uMnu Zakes Bantwini usanda kuvakashela i-Ubuntu Pathways elokishini laseBhayi iZwide wafike wanikela ngemali ayithola ngokuqopha ayenze ngenoni alicula nomculi waseMelika u-Lauv lapho khona uBantwini eqophe kabusha i-Modern Loneliness.
I-Ubuntu Pathways yinhlangano engenzi nzuxo enikeza usizo loguquko ezinganeni ezihlwempu ezingama-2 000 nemindeni yazo emalokishini aseBhayi.
‘Kuyintokozo ukuba neqhaza elibonakalayo emsebenzini omqoka owenziwa yi-Ubuntu,’ kusho uBantwini. ‘Ngiyabonga futhi naku-Lauv ngethuba lokudidiyela kabusha i-Modern Loneliness. Ukusebenza nombhali wezingoma onesiphiwo njengaye ofika nomoya wakhe okhululekile emkhakheni othinta ukusiza umphakathi yinto engingasoze ngayilibala.’
No-Lauv ulandise ngokuthi ujabule kangakanani ukuthi umculo wakhe usetshenziselwa ukusiza labo abaswele. ‘Ngenkathi i-Modern Loneliness Remix EP iqanjwa ngangifisa ukusebenza nabantu abakhethiwe emhlabeni ukuze ifinyelela ebantwini abaningi. Ngijabule kakhulu ukuthi inzuzo evela engomeni emnandi eyenziwe ngu-Zakes isebenze enhlanganweni enjengo-Ubuntu Pathways.’
UBantwini wengeze ngokuthi: ‘UNkulunkulu abusise bonke abenze i-download ye-Modern Loneliness. Ngeminikelo yenu, sikwaze ukondla imindeni engama-2 000.’
Ukudidiyela kabusha i-Modern Loneliness kuyingxenye ye-Modern Loneliness Remix EP ka-Lauv enabaculi abakhethiwe basemhlabeni wonke. UBantwini ucula no-Ghostt (wase-Brazil), u-Merk & Kremont (wase-Italy), u-Diskover (wase-Brazil), u-LVNDSCAPE (wase-The Netherlands), u-Vaundy (waseJaphani), u-Sihan (wase-China), u-MYGAL (wase-Spain) no-Ritviz (wase-India).
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe