
Inkohlakalo Inkinga Yomhlaba
Click here for the English version
Imali entshontshwa minyaka yonke ngenkohlakalo iningi ngokwanele ukuthi ingondla abaswele emhlabeni wonke ngokuphindwe ngama-80, kusho owayenguKhomishana Omkhulu WeNhlangano Yezizwe Kwezamalungelo Abantu, uDkt Navi Pillay.
Ekhuluma esifundweni esinesihloko esithi Inqubonhle Nokuthobela Imithetho Ukuze Okugwema Inkohlakalo, ebesisekhempasini i-Howard College e-UKZN, u-Pillay uthe isihloko sesifundo besifanelekile kakhulu ngoba udaba olubaluliwe lusematheni eNingizimu Afrika manje.
‘Inkohlakalo inomthelela emalungelweni abantu. Cishe bayizigidi ezingama-870 abantu abalala ngendlala njalo ebusuku futhi iningi labo yizingane. Inkohlakalo ibancisha ilungelo labo lokuthola ukudla, kanti kwezinye izikhathi nelungelo labo lokuphila,’ kusho uPillay.
‘Indlela yokulwisana nenkohlakalo enesisekelo esingamalungelo abantu iyimpendulo yesikhalo esikhulu mayelana nohlelo lwezenhlalo, ezepolitiki nezomnotho olufezekisa isithembiso senkululeko ekwesabeni nasekusweleni.
‘Yize sinokukhathazeka ngenkohlakalo nokunganakwa kwenqubonhle ezweni lethu njengamanje ngenxa yomthelela okunawo ezimpilweni zethu nsukuzonke, kumele lolu daba silubheke ngokwenkohlakalo emhlabeni jikelele enomthelela omkhulu kithina. Kumele sibheke izisombululo zomhlaba, zezifunda nezamazwe. Imizamo yokulwisana nenkohlakalo ingaphumelela uma inkohlakalo siyithatha njengenkinga ehlelekile kunenkinga nje yomuntu ngamunye.’
Enaba ngemibuzo ayiphonse ezethamelini ebithi ‘Ayini amalungelo abantu?’ nokuthi ‘Iyini inqubonhle?’, u-Pillay uthe amalungelo abantu athinta umbono ofanayo wabantu mayelana nesisekelo sokuhle nokubi, okuneqiniso nokulingene kanti inqubonhle imayelana nokucabanga ngendlela ekhomba ukuthi yini efanele nengafanele.
Ube esebalula amazinga ahlukene enqubonhle kubantu, emabhizinisini nasezisebenzini zikahulumeni. U-Pillay uthe inqubonhle imayelana nozwelo futhi iqala ezindaweni ezincane.
Ekhuluma ngodaba obelusematheni lokushona komfundi oneminyaka emihlanu yobudala u-Lumka Mketwa, obengumfundi esikoleni samabanga aphansi iLuna Primary School Ebizana, oshone emva kokuwela emgodini wendlu yangasese, u-Pillay uthe lokhu okwenzekile kuyihlazo emphakathini futhi unezelele ngokuthi othisha kumele basebenze njengabazali.
Ebalula izisombululo, u-Pillay uthe ukuhlanganisa izinhlelomasu zokulwisana nenkohlakalo nokugqugquzela amalungelo abantu kungasebenza kuzona zombili izimo. Ukuba nohlelosu olusebenza kahle kumele kusekelwe yimithetho yamalungelo abantu emayelana nokuphatha ngendlela efanele, ezobulungiswa ezizimele, ukukhululeka kwabezindaba, ukufinyeleleka kolwazi, ukusebenza ngendla ebonakalayo, izibophokubika ezinhlelweni zombusazwe kanye nezokuphatha.
Uthe ukuvikeleka kwalabo abayizisulu zamalungelo abantu kanye nalabo abawalwelayo nakho kubaluleke kakhulu ngokulinganayo. ‘Amazwe anomsebenzi wokubavikela kanye nezintatheli, abacwaningi nabahlaba umkhosi ngaphakathi kwezikhungo nasemphakathini ekuhlukunyezweni, odlameni, ekusatshisweni, nasekuhlaselweni noma izenzo ezibajezisela ukuthi baveze inkohlakalo nokwenza okungafanele.
‘Sisemuva ngokobuchwepheshe okulandela nokuveza inkohlakalo nokuphenya ngokubikwa abahlaba umkhosi. Kulokhu sidinga ucwaningo lwenu neziphakamiso zalo. I-UKZN iyaziqhenya ngokuba yiNyuvesi ehamba phambili kwezocwaningo. Udaba lwenqubonhle, inkohlakalo, uhwebo olungekho emthethweni kanye nemigudu yemali engekho emthethweni engikhulume ngalo kulesi sifundo yizinselelo eziphuthumayo zomphakathi ezidinga ukuthi nizithathele izinyathelo,’ kusho u-Pillay.
U-Pillay weluleke abafundi base-UKZN nabo bonke abantu abasha ukuthi bangakhathazeki ngamalungelo abo bodwa kodwa nawabanye abantu, ikakhulukazi abahlala ezindaweni zasemaphandleni. Uthe abafundi baseNyuvesi banamandla okugqugquzelana bebodwa.
Ephendula umbuzo wesinye sezethameli emayelana nokumeleka kobuhlanga nokusebenzela iNhlangano Yezizwe nezinye izinhlangano zomhlaba, uthe, ‘Umhlaba usasemhlophe futhi udinga ukufakwa eminye imibala. Abantu abasha kumele baphume bafake izicelo zomsebenzi.’
Isifundo bekungesokuqala ochunguchungeni lwezihlelwe yiNyuvesi.
Amagama: nguSithembile Shabangu