
Owenza Izifundo Emkhakheni Wokudla Okunomsoco Uyingxenye Yabalishumi Abafinyelele Kowamanqamu Emncintiswaneni ka-Miss South Africa
Click here for English version
UNksz Ayanda Thabethe, owenza unyaka wokugcina ezifundweni ezithinta ukudla okunomsoco, i-Discipline of Dietetics and Human Nutrition e-UKZN ungomunye wabalishumi abafinyelele kowamanqamu emncintiswaneni waminyaka yonke kazwelonke ka-Miss South Africa.
Ozonqoba uzomenyezelwa emcimbini ozoba ngoNcwaba futhi uzomela elakuleli emincintiswaneni yomhlaba wezi-2022, u-Miss Universe 2022, u-Miss World 2022, noma u-Miss Supranational 2023.
Oneminyaka engama-22 ungomunye wababili abaqhamuka KwaZulu-Natali abakhethwe ngamajaji aqokiwe nawumphakathi kanti eminyakeni emithathu edlule ubesheba ukumodela, ibhizinisi nokufunda. Ofisa ukuba ngungoti wokudla okunomsoco uhlela ukuthi alekelele ukuthuthukisa imigomo ehlobene nokudla okunomsoco ukuze alwe nomthwalo ombaxambili waseNingizimu Afrika wokungabi nomsoco kwabantu nokukhuluphala.
Okwamanje uzinze esikhungweni esizimele lapho ephothula khona ingxenye yezifundo ezithinta ukuphathwa kokudla, i-Food Management, ekuqaleni konyaka uThabethe ubezinze esibhedlela i-Harry Gwala Regional lapho ubegxile ekubonaneni neziguli nokuyingxenye yeziqu zakhe.
Ungomdala ezinganeni ezimbili, uzalwe wakhulela eMgungundlovu kanti ufunde esikoleni i-Longmarket Girl’s nase-Pietermaritzburg Girl’s High (GHS) lapho ebenza kahle kakhulu kwezokusubatha nokugijima amabanga amade. Ubengumholi ekilasini, eyiphini likakaputeni walapho behlala khona futhi eyiphini likakaputeni wabagijima amabanga amade ngesikhathi enza umatikuletsheni, uzigcine umzimba wakhe uqinile ngokulokhu egijima.
Ubonga ukuthola ugqozi kuthisha wakhe we-Consumer Studies, uNkk Shelagh Goddard wase-GHS owenza izifundo zokudla okunomsoco, uThabethe wazimisela ngokufeza amaphupho ngezifundo zakhe kusenesikhathi, wanquma esenza ibanga lesishiyagalombili ukuthi uzokwenza izifundo zokudla okunomsonco e-UKZN emuva kokwenza ucwaningo ngezinto angakhetha kuzo futhi wathola nokuthi kukhonani kule nyuvesi nokuthi isondele kangakanani emndenini.
‘Indlela okuhleleke ngayo okufundwayo iyababazeka futhi ngathanda izifundo, bekuwuhlelo olunesigqi,’ usho kanje.
Wathola indawo e-UKZN ivuselela futhi ikulungele ukuphumelela ngenxa yobuncane nokuphathelene nomuntu ngqo kwalo mkhakha we-Discipline of Dietetics and Human Nutrition, kanti nokuvela obala kokwehluka kwabafundi. Uthe abasebenzi bakhombisa ukukhathalela abafundi, bebanika lonke ulwazi oludingekayo futhi behlale bekhona.
UThabethe uqale ukumodela emuva kokuvela kombono nje esithubeni kumngani wokuthi abhalisele ithuba lokumodela. Wabe eseyabona ukuthi unekhono wenza izifundo ezidingekayo ukuze abe ngungcweti kwezokumodela, wathola isikhungo abhalisa kuso, wamodela ngokuzimela ngempumelelo, futhi wakwazi ukugcina esengene ngaphansi kwe-Boss Models nokwasheshisa umsebenzi wakhe. Waqala ibhizinisi lakhe, i-The Closet eliqashisa ngezingubo zemincinciswane yozime.
Eqhutshwa wukuba yisibonelo nomuntu okungabukelwa kuye futhi egqugquzelwa abesifazane okubalwa kubo uMaya Angelou, Oprah Winfrey nowayengu-Miss South Africa u-Basetsane Khumalo, uThabethe ugqugquzelwe ukungenela u-Miss South Africa ukwenza uguquqo olunomthelela omuhle eNingizimu Afrika.
Ukuba ngomunye wabayingxenye yabalishumi abafinyelele kwelamanqamu kulo mncintiswano kwabikezelwa umndeni wakhe owawuthi uzoba ngu-Miss South Africa ngaphambi kokuthi ahambe. UThabethe wathola ukuthi ukumodela akusikho nje ukuhamba eshashalazini kepha kufaka phakathi ukubheka amathuba okuthuthuka nokumela okuthile. Ufinyelele kwabayi-12 emncintiswaneni u-Miss Greater Edendale Mall, kanti waqhubeka wanqoba u-Miss KZN Queen okuyisicoco sonyaka wonke esimsize ukuthi agxile ekuzitholeni ukuthi ungubani nokuthi azilungiselele u-Miss South Africa.
Ukuba yingxenye ka-Miss South Africa kube wuhambo abengalulindele, olumfikele namanye amathuba okuthi aziveze ngendlela uThabethe abengayilindele, futhi kufike nokuthi abangenele umncintiswane bakwazi ukuzithuthukisa besebenzisa izifundo nolwazi abaluthole uma kunezigcawu zomncintiswano,
Yize ukumodela kubalulekile kuThabethe, umsebenzi wakhe uhamba phambili, futhi unethemba lokuthi uzokwazi ukugxila kwimpilo ngokuphelele, egqugquzelwa wukuchitha isikhathi endaweni yasemakhaya nomndeni wakhe lapho begqugquzele umphakathi wabo ukuthi uzithokozise ngezinto ozithandayo futhi ugijime. Unethemba lokukhuthaza ukusetshenziswa kwendawo yokuzivocavoca engaphandle, abe nezigcawu ezihlanganisa abantu, ama-boot camps futhi agqugquzele ukusetshenziswa kwezikhungo zomphakathi ukuthi kukhulunywe ngezifo zengqondo.
Uthe i-intership yakhe emkhakheni wokudla okunomsoco ikhazimulise ukufunda kwakhe futhi yamenza ukuthi lokhu akufundile akwenze, kanti yena nabalingani bakhe e-UKZN banconyiwe esibhedlela sabomkhakha wokudla okunomsoco ngokujula kolwazi lwabo. Uma esephothule izifundo zakhe, uThabethe uzoba ngowokuqala emndenini wakhe ukuthola iziqu zaseNyuvesi. Usekubheke ngabomvu ukwenza ingxenye yezifundo zakhe ethinta ukudla okunomsoco emphakathini, i-Community Nutrition namalungiselelo esigaba esilandelayo sika-Miss South Afrika.
Amagama: ngu-Christine Cuénod
Isithombe: Sithunyelwe