
Abafundi Bahlonyiswe Ngolwazi Lokubhekana Nezifo Zengqondo
Click here for English version
Uhlelo lwezifo zengqondo loMnyango weZindaba zokuHlaliswa kwaBafundi, i-Department of Student Residences Affairs kwikhempasi yase-Westville luhlose ukuqwashisa abafundi ngokubaluleka kwempilonhle yengqondo.
Olekelela ezindaweni zokuhlala, uNksz Thabile Madlala, okunguye owengamele uhlelo, uthe: ‘Uhlelo kuhloswe ngalo ukuthi kuqalwe ingxoxo ngezifo zengqondo, into iningi labafundi abayishalazelayo. Kungiduduzile ukwazi ukuthi akubona bodwa ababhekene nalezi zingqinamba nokuthi banendawo lapho bengakwazi khona ukuvuleleka babelane ngokuthi bazizwa kanjani.’
Linezingxenye ezimbili, olwe-inthanethi oluholwa nguMnu Sanele Zuma (ongumeluleki wezengqondo wabafundi eKolishi lezoLimo, ubuNjiniyela neSayensi), bese kuba yingxenye yesibili lapho kubonwana khona ubuso nobuso endaweni esemnyango, uhlelo lokubonisana luhlanganisa ukubhekwa kabanzi kwezifo zengqondo nokunye okungumsusa wezinye izinto ezithinta izifo zengqongo (kubalwa ukhwantalala nengcindezi). Engxenyeni yohlelo lwe-inthanethi, kukhonjiwa ngezindlela zokubhekana nalezi zifo nokunika abafundi amandla okukwazi ukubhekana nezifo zengqondo ngezikhathi ezinzima (kubalwa ezezivivinyo). UZuma ugqamise imigudu yeNyuvesi elekelela ngokweseka ngosizo lwezengqondo nokwelulelwa emakolishi amane.
Umcimbi osendaweni esemnyango uhlanganisa ukuzivocavoca, i-yoga, “ungashona phansi uze ufike kuphi” nomdlalo lapho abafundi beshayana khona ngamabhalunde abanye bevika, i-balloon dodgeball okuhloswe ngawo ukugqugquzela abafundi ukuthi baphaphame, futhi bathole ithuba lokuthi bazane nabanye abahlala nabo.
‘Ukunyakaza kuyingxenye ebalulekile yohlelo lokuqwashisa ngezifo zengqondo ngoba umzimba onempilo ubalulekile ukuze nomqondo ube nempilo futhi usebenze kahle. Amahora ambalwa achithwa ngaphandle engekho amafoni, ama-laptops kanye nezincwadi kunike abafundi ithuba lokuthi baphole futhi bakhululeke emqondweni,’ kusho uMadlala.
Ubonge umgqugquzeli wempilo yezindawo zokuhlala kwikhempasi yase-Westville uNksz Lerato Khoadi ngokweseka uhlelo. ‘Siyaqonda ukubaluleka kwalezi zinhlelo futhi siyabonga imizamo yabalekeleli basezindaweni zokuhlala abafundi ama-Residence Assistants yokubhekana nezifo zengqondo ezindaweni zokuhlala,’ kusho uKhoadi.
Amagama: ngu-Raylene Captain-Hasthibeer
Isithombe: Sigciniwe